UJeremiya
20 Manje uPhashuri indodana ka-Imeri, umpristi, owayengumphathi endlini kaJehova, wayelalele ngesikhathi uJeremiya eprofetha lezi zinto. 2 Ngemva kwalokho uPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi wamfaka esitokisini *+ esasiseSangweni Elingenhla LikaBhenjamini, elalingasendlini kaJehova. 3 Kodwa ngosuku olulandelayo uPhashuri wamkhipha uJeremiya esitokisini, uJeremiya wathi kuye:
“UJehova ukuqambe ngokuthi unguKwesaba Nxazonke, awuyena uPhashuri. + 4 Ngoba yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ngizokwenza wena nabangani bakho nesabe, izitha zabo ziyobabulala ngenkemba ubhekile; + wonke uJuda ngiyomnikela esandleni senkosi yaseBhabhiloni, abanye iyobadingisela eBhabhiloni, abanye ibabulale ngenkemba. + 5 Wonke umnotho waleli dolobha, zonke izinto zalo, wonke amagugu alo nayo yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda ngiyokunikela ezitheni zalo. + Ziyokuphanga zikuthathe zikuyise eBhabhiloni. + 6 Kodwa wena, Phashuri, nabo bonke abahlala endlini yakho, niyothunjwa. Uyoyiswa eBhabhiloni ufele khona, futhi uyongcwatshelwa khona nabo bonke abangani bakho, ngoba uprofethe amanga kubo.’ ” +
7 O Jehova, ungikhohlisile, ngakhohliseka.
Uzibonakalise unamandla kunami, wanqoba. +
Ngibe yinhlekisa usuku lonke;
Wonke umuntu uhlekisa ngami. +
8 Ngoba njalo uma ngikhuluma kumele ngimemeze ngithi,
“Udlame nokucekela phansi!”
Izwi likaJehova lingibangele ukuba ngithukwe nokuba ngidelelwe usuku lonke. +
9 Ngakho ngathi: “Ngeke ngisakhuluma ngaye,
Ngeke ngisakhuluma ngegama lakhe.” +
Kodwa enhliziyweni yami izwi lakhe laba njengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami,
Ngakhathala ukuzibamba;
Ngangingasakwazi ukubekezela. +
10 Ngoba ngezwa imibiko eminingi emibi;
Ngangikhungethwe ukwesaba. +
“Mmangaleleni; masimmangalele!”
Wonke umuntu owayengifisela ukuthula wayelinde ukungibona ngiwa: +
“Mhlawumbe uzokwenza iphutha ngobuwula,
Bese simnqoba, siziphindiselele kuye.”
11 Kodwa uJehova wayenami njengeqhawe elesabisayo. +
Yingakho labo abangishushisayo beyokhubeka futhi ngeke banqobe. +
Bayohlazeka kakhulu, ngoba ngeke baphumelele.
Ukululazeka kwabo kwaphakade ngeke kulibaleke. +
13 Culelani uJehova! Dumisani uJehova!
Ngoba usindise ohluphekile kulabo abenza okubi.
14 Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo!
Kwangathi usuku umama angibeletha ngalo lungangabusiswa! +
15 Makaqalekiswe umuntu owaletha izindaba ezinhle kubaba, wathi:
“Uzalelwe indodana!”
Wamenza wajabula kakhulu.
16 Kwangathi lowo muntu angaba njengamadolobha uJehova awagumbuqela wangazisola.
Makezwe ukukhala ekuseni nokumemeza emini.
17 Akangibulalanga ngani ngisesesibelethweni,
Ukuze umama abe yithuna lami
Isibeletho sakhe sihlale sikhulelwe? +