AmaHubo
INCWADI YESITHATHU
(AmaHubo 73-89)
Ihubo lika-Asafa. +
73 UNkulunkulu muhle ngempela ku-Israyeli, kulabo abahlanzekile enhliziyweni. +
2 Kusale kancane ukuba izinyawo zami ziphambuke;
Kusale kancane ukuba ngishelele lapho nginyathela. +
6 Ngenxa yalokho, ukuqhosha kunjengomgexo kubo; +
Bagqoka ubudlova njengengubo.
7 Amehlo abo aqhunsukile ngenxa yokukhuluphala;*
Banokuningi kunalokho abebekufisa.
8 Bayadelela futhi basho izinto ezimbi. +
Ngokuzikhukhumeza basongela ukucindezela abanye. +
9 Bakhuluma njengokungathi baphakeme njengezulu,
Nolimi lwabo luyaqhosha emhlabeni.
10 Ngakho abantu bakaNkulunkulu* baphendukela kubo,
Futhi baphuza emanzini abo amaningi.
11 Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani? +
Ingabe oPhezukonke unalo ngempela ulwazi?”
12 Laba yibo ababi, okuhlale kubahambela kahle. +
Balokhu bandisa ingcebo yabo. +
13 Impela kube yize ukugcina inhliziyo yami imsulwa
Nokuhlanza izandla zami zibe msulwa. +
15 Kodwa ukube bengizikhulumile lezi zinto,
Bengiyobalimaza abantu bakho.*
16 Lapho ngizama ukukuqonda,
Kwakungibangela ukukhathazeka
17 Kwaze kwaba yilapho ngingena endlini engcwele kaNkulunkulu,
Futhi ngiliqonda ikusasa labo.
18 Ngokuqinisekile wena ubabeka endaweni eshelelayo. +
Ubenza bawe babe yincithakalo. +
19 Yeka indlela abaqothulwe ngayo ngokuphazima kweso! +
Yeka ukuthi kushesha kanjani ukuqothulwa kwabo njengoba beshabalala kabuhlungu!
20 Njengephupho lapho umuntu evuka, wena Jehova,
Uyobalahla* lapho uvuka.
22 Ngangingacabangi futhi ngingenakho ukuqonda;
Nganginjengesilwane esingenangqondo phambi kwakho.
23 Kodwa manje nginawe njalo;
Ubambe isandla sami sokudla. +
25 Ubani enginaye emazulwini?
Angifisi lutho emhlabeni ngaphandle kwakho. +
26 Umzimba wami nenhliziyo yami kungayeka ukusebenza,
Kodwa uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade. +
27 Ngempela, labo abaqhelayo kuwe bayoshabalala.
Uyobaqeda* bonke abakushiya ngenxa yokuziphatha okubi. *+
28 Kodwa ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi. +
Ngenze iNkosi EnguMbusi uJehova yaba isiphephelo sami,
Ukuze ngimemezele yonke imisebenzi yakho. +