Eyesibili KaSamuweli
22 UDavide wahlabelelela uJehova le ngoma, + mhla uJehova emkhulule esandleni sazo zonke izitha + zakhe nasesandleni sikaSawule. + 2 Wathi:
“UJehova uyidwala lami nesiphephelo sami + noMkhululi wami. +
3 UNkulunkulu wami uyidwala lami, + ngiphephela kuye,
Ihawu lami + nophondo* lwami lwensindiso,* indawo yami elondekile *+
Nendawo yami yokubalekela, + umsindisi wami; + wena ongisindisa ebudloveni.
4 Ngibiza uJehova, ofanelwe ukudunyiswa,
Ngizosindiswa ezitheni zami.
5 Amagagasi okufa angizungeza; +
Izikhukhula ezisheshayo zabantu abangelusizo lwalutho zangesabisa. +
6 Izintambo zeThuna* zangizungeza; +
Izicupho zokufa zabhekana nami. +
7 Ngambiza uJehova lapho ngicindezelekile, +
Ngangilokhu ngimbiza uNkulunkulu wami.
Walizwa izwi lami esethempelini lakhe,
Wakuzwa ukukhalela kwami usizo. +
8 Umhlaba waqala ukunyakaza nokuzamazama uya emuva naphambili; +
Izisekelo zamazulu zandindizela +
Zanyakaza ziya emuva naphambili ngoba wayethukuthelisiwe. +
9 Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe,
Kwaphuma nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe; +
Kwaphuma amalahle avuthayo kuye.
10 Wagoba amazulu njengoba ehla, +
Ifu elimnyama lalingaphansi kwezinyawo zakhe. +
11 Weza endiza egibele ikherubi. +
Wayebonakala ephezu kwamaphiko esidalwa somoya. *+
12 Wabe esezizungeza ngobumnyama njengetende, +
Emanzini amnyama nasemafwini awugqinsi.
13 Ekukhanyeni okukhulu okwakuphambi kwakhe kwagqamuka amalahle avuthayo.
14 UJehova waqala ukuduma esezulwini; +
OPhezukonke wenza izwi lakhe lezwakala. +
15 Wacibishela imicibisholo yakhe + wahlakaza izitha;
Umbani, ukuze azididizelise. +
16 Kwakhanya phansi olwandle; +
Izisekelo zezwe zahlala obala ngokukhuza kukaJehova,
Ngokufutha komoya wamakhala akhe. +
17 Welula isandla sakhe ephezulu;
Wangibamba wangikhipha emanzini ajulile. +
18 Wangikhulula esitheni sami esinamandla, +
Kulabo abangizondayo, ababenamandla kunami.
19 Bamelana nami ngosuku lwenhlekelele yami, +
Kodwa uJehova wangisekela.
20 Wangikhiphela endaweni ephephile; *+
Wangikhulula ngoba wayejabule ngami. +
21 UJehova ungivuza ngenxa yokuthi ngenze ngokulunga; +
Ungibuyisela ngenxa yobumsulwa bezandla zami. *+
22 Ngoba ngizigcinile izindlela zikaJehova,
Angizange ngokukhohlakala ngimshiye uNkulunkulu wami.
23 Ngiyayikhumbula yonke imiyalo yakhe; +
Ngeke ngiphambuke emthethweni wakhe. +
24 Ngizohlale ngingenaphutha + phambi kwakhe,
Ngizokugwema ukwenza isono. +
25 Kwangathi uJehova angangibuyisela ngenxa yokuthi ngenze ngokulunga, +
Ngenxa yobumsulwa bami phambi kwakhe. +
26 Koqotho wena wenza ngobuqotho; +
Indoda enamandla nengenaphutha, usebenzelana nayo ngokungenaphutha; +
27 Komsulwa uzibonakalisa umsulwa, +
Kodwa koyiqili uzibonakalisa unokuqonda. *+
28 Ngoba uyabasindisa abathobekile, +
Kodwa amehlo akho amelene nabaziphakamisayo, futhi uyabathobisa. +
29 Ngoba uyisibani sami, Jehova; +
NguJehova oguqula ubumnyama obungizungezile bube ukukhanya. +
30 Ngosizo lwakho ngingajaha iviyo labaphangi;
Ngamandla kaNkulunkulu ngingacaca udonga. +
31 Indlela kaNkulunkulu weqiniso iphelele;* +
Izwi likaJehova licwengekile. +
Uyihawu labo bonke abaphephela kuye. +
32 Ngoba ubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova? +
Ubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu? +
33 UNkulunkulu weqiniso uyinqaba yami eqinile, +
Uzokwenza indlela yami iqonde. +
34 Wenza izinyawo zami zibe njengezenyamazane;
Ungimisa ezindaweni eziphakeme. +
35 Izandla zami uziqeqeshela impi;
Izingalo zami zingagobisa umnsalo wethusi.
36 Unginika ihawu lakho lensindiso,
Ukuthobeka kwakho kungenza ngibe mkhulu. +
37 Uyenza ibe banzi indlela engihamba kuyo;
Izinyawo zami* ngeke zishelele. +
38 Ngiyozijaha izitha zami, ngizibhuqe;
Ngeke ngibuye kuze kube yilapho seziqothuliwe.
39 Ngiyoziqothula ngiziphihlize, ukuze zingavuki; +
Ngiyozinqoba.*
40 Uyongipha amandla okulwa empini; +
Uyokwenza izitha zami ziwe phambi kwami. +
41 Uyokwenza izitha zami zingibalekele; *+
Ngiyobaqeda* labo abangizondayo. +
42 Bakhalela usizo, kodwa akekho ozobasindisa;
Bakhala ngisho nakuJehova, kodwa akabaphenduli. +
43 Ngiyobagaya bacoliseke njengothuli lomhlabathi;
Ngiyobagxoba ngibanyathele njengodaka emigwaqweni.
44 Uyongikhulula kubantu bakithi ababheka amaphutha. +
Uyongilonda ukuze ngibe yinhloko yezizwe; +
Isizwe engingazange ngisazi siyongikhonza. +
45 Abezinye izizwe bayoza kimi bethothobele; +
Izinto abazizwayo ngami ziyobenza bangilalele.*
46 Abezinye izizwe bayokwesaba;*
Bayoza bethuthumela bevela ezindaweni zabo ezivikelekile.
47 UJehova uyaphila! Malidunyiswe iDwala lami! +
Makaphakanyiswe uNkulunkulu wedwala lensindiso yami. +
48 UNkulunkulu weqiniso uyangiphindiselela; +
Uthobisa izizwe ngaphansi kwami; +
49 Uyangikhulula ezitheni zami.
Ungiphakamisa + ngibe ngaphezu kwalabo abangihlaselayo;
Uyangisindisa kumuntu onodlame. +
50 Yingakho ngizokubonga phakathi kwezizwe Jehova, +
Ngizolihubela izingoma zokudumisa* igama lakho: +
51 Wenzela inkosi yakhe izenzo ezinkulu zokusindisa *+
Ubonisa uthando oluqotho kogcotshiwe wakhe,