UHabakuki
1 Isimemezelo uHabakuki* umprofethi asibona embonweni:
2 O Jehova, kuyoze kube nini ngikhala ngicela usizo kodwa ungezwa? +
Kuyoze kube nini ngicela ukusindiswa ebudloveni, kodwa ungangisizi? *+
3 Kungani ungenza ngibone izenzo ezimbi?
Kungani ubekezelela ukucindezela?
Kungani phambi kwami kukhona ukucekela phansi nobudlova?
Kungani kugcwele izingxabano nombango?
4 Ngakho umthetho awusasebenzi,
Nobulungisa abusenziwa nhlobo.
Ngoba omubi ucindezela olungile;
Yingakho ubulungisa buhlanekezelwe. +
5 “Bhekani phakathi kwezizwe, ninake!
Bukani nimangele futhi nishaqeke;
Ngoba kukhona okuzokwenzeka ezinsukwini zenu
Eningeke nikukholwe ngisho noma nixoxelwa ngakho. +
6 Ngoba ngivusa amaKhaledi, +
Isizwe esinonya nesinamawala.
Esikhukhula ezindaweni ezivulekile zomhlaba
Ukuze sithathe imizi okungeyona eyaso. +
7 Siyethusa futhi siyesabeka.
Sizimisela owaso umthetho negunya. *+
8 Amahhashi aso anejubane ngaphezu kwezingwe,
Anolaka ngaphezu kwezimpisi ebusuku. +
Amahhashi aso ayagabavula;
Amahhashi aso avela kude.
Eza egijima njengokhozi luphuthuma ukuyodla. +
9 Siza nalo lonke ibutho laso ngenjongo yobudlova. +
Ukuhlangana kobuso baso kunjengomoya wasempumalanga, +
Sibutha izithunjwa njengesihlabathi.
10 Siklolodela amakhosi
Sihleka izikhulu eziphakeme. +
Sihleka ngisho nazo zonke izindawo ezinezivikelo eziqinile; +
Sinqwabelanisa indunduma yenhlabathi ukuze sigibele odongeni.
11 Siya phambili njengomoya, sidlule,
Kodwa siyoba necala, +
12 Awuyena yini owaphakade Jehova? +
O Nkulunkulu wami, oNgcwele wami, wena awufi. *+
13 Amehlo akho ahlanzeke kakhulu ukuba angabheka okubi,
Awukwazi ukubekezelela ububi. +
Pho kungani ubekezelela abakhohlisayo +
Kungani uthula lapho umuntu omubi egwinya umuntu olunge ngaphezu kwakhe? +
14 Kungani wenza abantu babe njengezinhlanzi zasolwandle,
Njengezilwane zasolwandle ezingenambusi?
15 Zonke uzikhipha* ngodobo.
Uzibamba ngenethi lakhe,
Uziqoqela enethini lakhe lokudoba.
Yingakho ejabule kangaka. +
16 Yingakho enikelela inethi lakhe imihlatshelo
Enzela* inethi lakhe lokudoba imihlatshelo;
Ngoba ngenxa yamanethi isabelo sakhe sicebile,*
Nokudla kwakhe okwekhethelo.
17 Ingabe uyoqhubeka ethulula inethi lakhe?*
Ingabe uyolokhu ebulala izizwe engabonisi bubele? +