uJobe
36 U-Elihu waqhubeka wathi:
2 “Ngibekezelele isikhashana njengoba ngisachaza,
Ngoba ngisenawo amazwi okukhulumela uNkulunkulu.
3 Ngizogeqa amagula ngengikwaziyo,
Futhi ngizothi uMenzi wami ulungile. +
4 Ngempela amazwi ami awawona amanga;
Lowo onolwazi oluphelele + ulapha phambi kwakho.
7 Akawasusi amehlo akhe kwabalungile; +
Ubahlalisa namakhosi* esihlalweni sobukhosi, + futhi baphakanyiswa kuze kube phakade.
8 Kodwa uma beboshwe ngamaketanga,
Beboshwe ngezindophi zokuhlupheka,
9 Ubembulela abakwenzile,
Izeqo zabo ezibangelwe ukuqhosha kwabo.
10 Uvula izindlebe zabo ukuze zizwe ukulungiswa,
Abatshele ukuba bafulathele okubi. +
13 Abangamesabi uNkulunkulu* ezinhliziyweni zabo bayofukamela inzondo.
Abalukhaleli usizo ngisho noma ebabopha.
15 Kodwa uNkulunkulu ukhipha abahluphekile ekuhluphekeni kwabo;
Uvula izindlebe zabo lapho becindezelwa ukuze bamuzwe.
16 Uyakukhulula ekuququdweni usizi, +
Akubeke endaweni enkulu, engenamingcele, +
Akududuze ngokudla okunomsoco etafuleni lakho. +
17 Ngemva kwalokho uyogculiseka ngokwahlulelwa kwababi, +
Lapho kukhishwa isahlulelo futhi kwenziwa ubulungisa.
18 Kodwa qaphela ukuba ulaka lungakuholeli ekubeni nonya, *+
Ungasivumeli isifumbathiso esikhulu sikudukise.
19 Ingabe ukukhalela kwakho usizo
Noma ukuzikhandla kwakho kuyokukhulula osizini? +
20 Ungabulangazeleli ubusuku,
Lapho abantu benyamalala ezindaweni zabo.
21 Qaphela ukuba ungaphendukeli ekwenzeni okubi
Ukhethe ukwenza okubi esikhundleni senhlupheko. +
22 Bheka! UNkulunkulu uphakanyisiwe ngenxa yamandla akhe;
Ukhona yini umfundisi onjengaye?
25 Sonke isintu siwubonile,
Umuntu ofayo uwubukela kude.
27 Udonsa amathonsi amanzi awakhuphule; +
Inkungu iyancibilika yakhe imvula;
28 Amafu abe eseyehlisela phansi; +
Ayenze ine phezu kwesintu.
31 Usekela izizwe ngalezi zinto;
Uzinika ukudla okuningi. +
32 Umbani uwumboza ngezandla zakhe,
Awuqondise esisulwini sawo. +
33 Ukuduma kumemezela ukuba khona kwakhe,
Ngisho nemfuyo isitshela ukuthi ubani* ozayo.