AmaHubo
Ingoma. Ihubo lamadodana kaKhora. + Kumqondisi; ngenothi leMahalati,* kufanele liculwe kushintshwane. Imaskili* likaHemani + umEzra.
4 Sengibalwa kanye nalabo abehlela phansi egodini; *+
Sengiwumuntu ongakwazi ukuzisiza, *+
5 Oshiywe phakathi kwezidumbu
Njengababulewe abalele ethuneni,
Ongasabakhumbuli
Nabangasalutholi usizo lwakho.*
6 Ungifake emgodini ojule kunayo yonke,
Ebumnyameni, kwalasha omkhulu.
7 Intukuthelo yakho iyangisinda, +
Amagagasi akho ayangicindezela. (Sela)
8 Ubadedisele kude abajwayelene nami; +
Ungenze ngaba yinto enyanyekayo kubo.
Ngibhajiwe angikwazi ukuphunyuka.
9 Iso lami likhathele ngenxa yokuhlupheka kwami. +
Usuku lonke Jehova ngiyakubiza; +
Ngelulela izandla zami kuwe.
10 Uyobenzela yini izimangaliso abafile?
Labo abafile bangavuka yini bakudumise? + (Sela)
11 Kuyokhulunywa yini ngothando lwakho oluqotho ethuneni,
Ngokuthembeka kwakho khona?*
12 Ziyokwaziwa yini izimangaliso zakho ebumnyameni
Noma ukulunga kwakho ezweni lokungazi lutho? +
13 Kodwa ngisalokhu ngikhala kuwe ngicela usizo Jehova, +
Njalo ekuseni umthandazo wami uyafika kuwe. +
14 Kungani ungilahla Jehova? +
Kungani ungifihlela ubuso bakho? +
15 Kusukela ebusheni bami,
Bengilokhu ngihlupheka futhi sengizoshabalala; +
Ngindikindiki ngenxa yezinto ezibuhlungu ovumela ukuba zingehlele.
16 Intukuthelo yakho evuthayo yehlele kimi; +
Izinto ezithusayo ezivela kuwe zingiqeda amandla.
17 Zingizungeza njengamanzi usuku lonke;
Zingivimbezela ziqhamuka nhlangothi zonke.*
18 Abangani bami nomakhelwane bami ubadedisele kude nami; +
Ubumnyama sebuwumngani wami.