uJobe
12 UJobe waphendula wathi:
2 “Ngempela yinina abantu abaziyo,*
Futhi ukuhlakanipha kuyofa nani!
3 Kodwa nami nginakho ukuqonda.*
Angikho ezingeni elingaphansi kwelenu.
Ubani ongazazi lezi zinto?
Umuntu olungile nongasoleki uyinhlekisa.
5 Inhlekelele iyadeleleka kumuntu ongenazinkinga,
Ucabanga ukuthi yehlela kuphela labo abanezinyawo ezishelelayo.*
6 Amatende ezigebengu anokuthula, +
Nalabo abachukuluza uNkulunkulu baphephile, +
Labo abaphethe onkulunkulu babo ngezandla.
7 Manje ngicela ubuze izilwane, zizokufundisa;
Nezinyoni zamazulu, zizokutshela.
8 Noma bukisisa umhlaba,* uzokufundisa;
Nezinhlanzi zolwandle zizokutshela iqiniso.
9 Yikuphi phakathi kwazo zonke lezi zinto okungazi
Ukuthi lokhu kwenziwe isandla sikaJehova?
12 Akukho yini ukuhlakanipha kulabo asebebadala, +
Ukuqonda akutholakali yini kulabo asebephile isikhathi eside?
14 Lapho ediliza okuthile, ngeke kwakhiwe; +
Akuvalile, ngeke kuvulwe muntu.
15 Lapho engayinisi imvula, konke kuyoma; +
Lapho eyinisa, amanzi ayagcwala emhlabeni. +
16 Kuye kunamandla nokuhlakanipha; +
Owenza iphutha nodukisayo bangabakhe;
17 Wenza abeluleki bahambe bengafake zicathulo,*
Enze abahluleli babe iziphukuphuku. +
18 Uqaqa izibopho eziboshwe amakhosi, +
Abophe ibhande ezinkalweni zawo.
19 Wenza abapristi bahambe bengafake zicathulo, +
Aketule labo abanamandla amakhulu; +
20 Uphuca abeluleki abethenjwayo inkulumo,
Asuse nokuqonda emaxhegwini;*
21 Uthobisa izicukuthwane, +
Enze abanamandla babe buthaka;*
22 Wembula izinto ezijulile ebumnyameni, +
Akhanyise izindawo ezimnyama bhuqe;
23 Wenza izizwe zibe namandla ukuze azibhubhise;
Uyazandisa ukuze aziyise ekuthunjweni.