AmaHubo
INCWADI YESINE
(AmaHubo 90-106)
Umthandazo kaMose, umuntu kaNkulunkulu weqiniso. +
90 O Jehova, wena ube yindawo yethu yokuhlala *+ kuzo zonke izizukulwane.
2 Zingakazalwa izintaba
Ungakawuvezi* umhlaba nezwe, +
Kusukela phakade kuze kube phakade, wena unguNkulunkulu. +
3 Wenza umuntu ofayo abuyele othulini;
Uthi: “Buyelani othulini, bantwana babantu.” +
4 Ngoba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengosuku lwayizolo oseludlulile, +
Injengamahora ambalwa.*
6 Ekuseni buyaqhakaza futhi buvuseleleke,
Kodwa kusihlwa buyabuna bome. +
7 Ngoba intukuthelo yakho iyasiqeda +
Ulaka lwakho luyasesabisa.
9 Ukuphila kwethu kuyashabalala* ngenxa yolaka lwakho;
Neminyaka yethu iphela ngokushesha njengomoya ophuma emakhaleni.
Kodwa kugcwele izinkathazo nosizi;
Kudlula masinyane, sinyamalale. +
11 Ubani ongawaqonda amandla entukuthelo yakho?
Ulaka lwakho luyesabeka njengoba nje nawe kufanele wesatshwe. +
12 Sifundise ukubala izinsuku zethu +
Ukuze sibe nenhliziyo enokuhlakanipha.
13 O Jehova, buya! + Kuyoqhubeka kuze kube nini lokhu? +
Dabukela izinceku zakho. +
14 Sanelise ngothando lwakho oluqotho + ekuseni,
Ukuze simemeze ngenjabulo, sithokoze + zonke izinsuku zethu.
15 Senze sithokoze izinsuku ezilingana nalezo osihluphe ngazo, +
Neminyaka eminingi elingana naleyo esibhekane ngayo nenhlekelele. +
16 Kwangathi izinceku zakho zingawubona umsebenzi wakho,
Nabantwana bazo babone ubukhazikhazi bakho. +
17 Kwangathi umusa kaJehova uNkulunkulu wethu ungaba phezu kwethu;
Kwangathi ungawuphumelelisa* umsebenzi wezandla zethu.