Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Mathewu 27
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Mathewu Okuphakathi

      • UJesu unikelwa kuPilatu (1, 2)

      • UJuda uyazilengisa (3-10)

      • UJesu phambi kukaPilatu (11-26)

      • Wenziwa inhlekisa emphakathini (27-31)

      • Ubethelwa esigxotsheni eGolgotha (32-44)

      • Ukufa kukaJesu (45-56)

      • Ukungcwatshwa kukaJesu (57-61)

      • Ithuna liqashwa ngokucophelela (62-66)

Mathewu 27:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:1; Luk 22:66

Mathewu 27:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 2:2; Mat 20:18, 19; Luk 23:1; Joh 18:28; IzE 3:13

Mathewu 27:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 26:14, 15; Mar 14:10, 11

Mathewu 27:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Inkinga yakho leyo.”

Mathewu 27:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 1:16, 18

Mathewu 27:6

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiGreki, “ziyintengo yegazi.”

Mathewu 27:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 1:19

Mathewu 27:10

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka iSithasiselo A5.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Zak 11:12, 13

Mathewu 27:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:2-5; Luk 23:3; Joh 18:33, 37

Mathewu 27:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 53:7; Mat 26:63; Joh 19:9

Mathewu 27:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:6-10; Joh 18:39

Mathewu 27:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 23:18; Joh 18:40; IzE 3:14
  • +Mar 15:11-14

Mathewu 27:22

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Mbulale.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 23:21

Mathewu 27:23

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 23:23; IzE 3:13

Mathewu 27:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 5:27, 28; 1Th 2:14, 15

Mathewu 27:26

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “abethelwe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 18:33; Joh 19:1
  • +Mar 15:15; Luk 23:25

Mathewu 27:27

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:16-20

Mathewu 27:28

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 19:2, 3

Mathewu 27:29

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Bayede.”

Mathewu 27:30

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 50:6; Mat 26:67

Mathewu 27:31

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 53:7; Mat 20:18, 19

Mathewu 27:32

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “enze umsebenzi wokuthwala.”

  • *

    Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:21; Luk 23:26

Mathewu 27:33

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:22-24; Luk 23:33; Joh 19:17

Mathewu 27:34

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 69:21

Mathewu 27:35

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 22:18; Mar 15:24; Luk 23:34; Joh 19:23, 24

Mathewu 27:37

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:26; Luk 23:38; Joh 19:19

Mathewu 27:38

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 53:12; Mar 15:27; Luk 23:33; Joh 19:18

Mathewu 27:39

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 18:32; Heb 12:3
  • +IHu 22:7; 109:25

Mathewu 27:40

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 26:60, 61; Joh 2:19
  • +Mar 15:29-32

Mathewu 27:41

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 23:35

Mathewu 27:42

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 1:49; 12:13

Mathewu 27:43

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 22:8
  • +Mar 14:62; Joh 5:18; 10:36

Mathewu 27:44

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 23:39

Mathewu 27:45

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Okuwukuthi, ngabo-12:00 emini.

  • *

    Okuwukuthi, ngabo-3:00 ntambama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:33; Luk 23:44

Mathewu 27:46

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Okuwukuthi, ngabo-3:00 ntambama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 22:1; Isay 53:10; Mar 15:34

Mathewu 27:47

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:35, 36

Mathewu 27:48

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 69:21; Luk 23:36; Joh 19:29

Mathewu 27:50

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “wayesefa.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:37; Luk 23:46; Joh 19:30

Mathewu 27:51

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 26:31-33; Heb 9:3
  • +Heb 10:19, 20
  • +Mar 15:38; Luk 23:45

Mathewu 27:54

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:39

Mathewu 27:55

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:40, 41; Luk 8:2, 3

Mathewu 27:56

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 20:20; Joh 19:25

Mathewu 27:57

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:42, 43; Luk 23:50-53

Mathewu 27:58

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 21:22, 23
  • +Mar 15:45-47; Joh 19:38

Mathewu 27:59

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 19:40, 41

Mathewu 27:60

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 53:9

Mathewu 27:61

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 23:55

Mathewu 27:62

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Igama elisho usuku olungaphambi kweSabatha lamasonto onke, ngalolu suku amaJuda ayelungiselela iSabatha.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 15:42; Luk 23:54; Joh 19:14

Mathewu 27:63

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 12:40; Joh 2:19

Mathewu 27:64

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 28:12, 13

Okunye

Math. 27:1Mar 15:1; Luk 22:66
Math. 27:2IHu 2:2; Mat 20:18, 19; Luk 23:1; Joh 18:28; IzE 3:13
Math. 27:3Mat 26:14, 15; Mar 14:10, 11
Math. 27:5IzE 1:16, 18
Math. 27:8IzE 1:19
Math. 27:10Zak 11:12, 13
Math. 27:11Mar 15:2-5; Luk 23:3; Joh 18:33, 37
Math. 27:12Isay 53:7; Mat 26:63; Joh 19:9
Math. 27:15Mar 15:6-10; Joh 18:39
Math. 27:20Luk 23:18; Joh 18:40; IzE 3:14
Math. 27:20Mar 15:11-14
Math. 27:22Luk 23:21
Math. 27:23Luk 23:23; IzE 3:13
Math. 27:25IzE 5:27, 28; 1Th 2:14, 15
Math. 27:26Luk 18:33; Joh 19:1
Math. 27:26Mar 15:15; Luk 23:25
Math. 27:27Mar 15:16-20
Math. 27:28Joh 19:2, 3
Math. 27:30Isay 50:6; Mat 26:67
Math. 27:31Isay 53:7; Mat 20:18, 19
Math. 27:32Mar 15:21; Luk 23:26
Math. 27:33Mar 15:22-24; Luk 23:33; Joh 19:17
Math. 27:34IHu 69:21
Math. 27:35IHu 22:18; Mar 15:24; Luk 23:34; Joh 19:23, 24
Math. 27:37Mar 15:26; Luk 23:38; Joh 19:19
Math. 27:38Isay 53:12; Mar 15:27; Luk 23:33; Joh 19:18
Math. 27:39Luk 18:32; Heb 12:3
Math. 27:39IHu 22:7; 109:25
Math. 27:40Mat 26:60, 61; Joh 2:19
Math. 27:40Mar 15:29-32
Math. 27:41Luk 23:35
Math. 27:42Joh 1:49; 12:13
Math. 27:43IHu 22:8
Math. 27:43Mar 14:62; Joh 5:18; 10:36
Math. 27:44Luk 23:39
Math. 27:45Mar 15:33; Luk 23:44
Math. 27:46IHu 22:1; Isay 53:10; Mar 15:34
Math. 27:47Mar 15:35, 36
Math. 27:48IHu 69:21; Luk 23:36; Joh 19:29
Math. 27:50Mar 15:37; Luk 23:46; Joh 19:30
Math. 27:51Eks 26:31-33; Heb 9:3
Math. 27:51Heb 10:19, 20
Math. 27:51Mar 15:38; Luk 23:45
Math. 27:54Mar 15:39
Math. 27:55Mar 15:40, 41; Luk 8:2, 3
Math. 27:56Mat 20:20; Joh 19:25
Math. 27:57Mar 15:42, 43; Luk 23:50-53
Math. 27:58Dut 21:22, 23
Math. 27:58Mar 15:45-47; Joh 19:38
Math. 27:59Joh 19:40, 41
Math. 27:60Isay 53:9
Math. 27:61Luk 23:55
Math. 27:62Mar 15:42; Luk 23:54; Joh 19:14
Math. 27:63Mat 12:40; Joh 2:19
Math. 27:64Mat 28:12, 13
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
  • 32
  • 33
  • 34
  • 35
  • 36
  • 37
  • 38
  • 39
  • 40
  • 41
  • 42
  • 43
  • 44
  • 45
  • 46
  • 47
  • 48
  • 49
  • 50
  • 51
  • 52
  • 53
  • 54
  • 55
  • 56
  • 57
  • 58
  • 59
  • 60
  • 61
  • 62
  • 63
  • 64
  • 65
  • 66
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Mathewu 27:1-66

NgokukaMathewu

27 Lapho kusa, bonke abapristi abakhulu namadoda amadala esizwe babonisana ngoJesu ukuze bambulale. + 2 Ngemva kokumbopha, bahamba naye bamnikela kuPilatu umbusi. +

3 Lapho uJuda, owayemkhaphele, ebona ukuthi uJesu ulahliwe, wazisola wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingu-30 kubapristi abakhulu namadoda amadala, + 4 ethi: “Ngonile lapho ngikhaphela igazi elingenacala.” Bathi: “Sinandabani thina nalokho? Zibonele!”* 5 Ngakho waphonsa lezo zinhlamvu zesiliva ethempelini, wasuka wahamba. Wabe eseyozilengisa. + 6 Kodwa abapristi abakhulu bathatha lezo zinhlamvu zesiliva bathi: “Akuvumelekile ngokomthetho ukuzifaka endaweni yokugcina ingcebo engcwele, ngoba le mali ingcoliswe yigazi.”* 7 Ngemva kokubonisana, bathenga ngazo isiganga sombumbi ukuze kungcwatshwe kuso izihambi. 8 Ngakho-ke leso siganga siye sabizwa ngokuthi iSiganga Segazi + kuze kube yilolu suku. 9 Khona-ke lokho okwakhulunywa ngoJeremiya umprofethi kwagcwaliseka, ethi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingu-30, inani elalibekwe kulowo muntu, lowo inani lakhe elalinqunywe ngamanye amadodana akwa-Israyeli, 10 bathenga ngazo isiganga sombumbi, ngokwalokho uJehova* angiyala ngakho.” +

11 Manje uJesu wama phambi kombusi, umbusi wambuza lo mbuzo: “Ingabe uyiyo iNkosi yamaJuda?” UJesu waphendula: “Wena ngokwakho uyasho.” + 12 Kodwa ngesikhathi abapristi abakhulu namadoda amadala bembeka icala, akaphendulanga. + 13 Khona-ke uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini ukuthi ziningi kangakanani izinto abazifakazayo ngawe?” 14 Kodwa akamphendulanga, akazange athi vu, kangangokuthi umbusi wamangala kakhulu.

15 Manje kwakuyinqubo yombusi ukuba umkhosi nomkhosi akhululele isixuku isiboshwa, noma yisiphi esisifunayo. + 16 Ngaso nje leso sikhathi babegcine isiboshwa esasinedumela elibi, esibizwa ngokuthi uBharaba. 17 Ngakho lapho sesibuthene ndawonye, uPilatu wathi kuso: “Ubani enifuna nginikhululele yena, uBharaba noma uJesu okuthiwa uKristu?” 18 Ngoba uPilatu wayeqaphela ukuthi babemnikele ngenxa yomona. 19 Ngaphezu kwalokho, esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela umyalezo kuye, ethi: “Hlukana nalowo muntu olungile, ngoba ngihlupheke kakhulu namuhla ephusheni ngenxa yakhe.” 20 Kodwa abapristi abakhulu namadoda amadala banxenxa izixuku ukuba zicele uBharaba, + kodwa uJesu abulawe. + 21 Ephendula umbusi wathi kuzo: “Yimuphi kulaba ababili enifuna ukuba nginikhululele yena?” Zathi: “UBharaba.” 22 UPilatu wathi kuzo: “Manje ngenzeni ngoJesu okuthiwa uKristu?” Zonke zathi: “Makabethelwe* esigxotsheni!” + 23 Wathi: “Ngasizathu sini? Yini embi ayenzile?” Noma kunjalo zaqhubeka zimemeza nakakhulu zithi: “Makabethelwe esigxotsheni!” +

24 Lapho ebona ukuthi kwakungasizi ngalutho, kodwa kunalokho, kwakuvela isiyaluyalu, uPilatu wathatha amanzi wageza izandla phambi kwesixuku, ethi: “Ngimsulwa egazini lalo muntu. Ziboneleni nina.” 25 Bonke abantu baphendula bathi: “Igazi lakhe malehlele phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.” + 26 Khona-ke wabakhululela uBharaba, kodwa wayala ukuba uJesu abhaxabulwe, + wamnikela ukuba abulawe* esigxotsheni. +

27 Ngemva kwalokho, amasosha ombusi angenisa uJesu emzini wombusi futhi abuthela kuye wonke amabutho. + 28 Amkhumula, amgqokisa isembatho esibomvu, + 29 aluka umqhele ngameva awubeka ekhanda lakhe, amphathisa nomhlanga esandleni sakhe sokudla. Aguqa phambi kwakhe, ahlekisa ngaye, athi: “Sawubona* Nkosi yamaJuda!” 30 Amkhafulela ngamathe, + athatha umhlanga, aqala ukumshaya ngawo ekhanda. 31 Ekugcineni, ngemva kokuhlekisa ngaye, amkhumula isembatho, amgqokisa izingubo zakhe zangaphandle, ahamba naye ukuze ayobethelwa esigxotsheni. +

32 Njengoba ephuma athola umuntu waseKhurene okuthiwa nguSimoni. Aphoqa lo muntu ukuba amthwalele* isigxobo sakhe sokuhlushwa. *+ 33 Lapho efika endaweni ebizwa ngokuthi i-Golgotha, okuwukuthi, iNdawo Yogebhezi, + 34 amnika iwayini elixutshwe nokubabayo ukuba aphuze; + kodwa ngemva kokulinambitha, wenqaba ukuphuza. 35 Lapho esembethele esigxotsheni, abelana ngezingubo zakhe zangaphandle esebenzisa inkatho, + 36 futhi ahlala lapho amqapha. 37 Ngenhla kwekhanda lakhe axhoma icala ayebekwe lona, lilotshwe la mazwi: “Lona nguJesu iNkosi YamaJuda.” +

38 Khona-ke abaphangi ababili babethelwa ezigxotsheni kanye naye, omunye ngakwesokudla sakhe omunye ngakwesobunxele sakhe. + 39 Abantu abadlulayo babemhlambalaza, + benikina amakhanda + 40 bethi: “Wena owawuzodiliza ithempeli ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, + zisindise! Uma uyindodana kaNkulunkulu, yehla esigxotsheni sokuhlushwa!” *+ 41 Ngendlela efanayo, nabapristi abakhulu kanye nababhali namadoda amadala baqala ukuhlekisa ngaye bethi: + 42 “Abanye wabasindisa; yena akakwazi ukuzisindisa! UyiNkosi yakwa-Israyeli; + makehle manje esigxotsheni sokuhlushwa* sizomkholwa. 43 Ubeke ithemba lakhe kuNkulunkulu; makamsindise manje uma Yena emfuna, + ngoba wathi, ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ” + 44 Ngendlela efanayo, ngisho nabaphangi ababebethelwe ezigxotsheni kanye naye babemhlambalaza. +

45 Kusukela ngehora lesithupha,* kwaba mnyama ezweni lonke kwaze kwaba yihora lika-9. *+ 46 Cishe ngehora lika-9,* uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okuwukuthi, “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?” + 47 Lapho bezwa lokhu, abanye kwababemi lapho bathi: “Lo muntu ubiza u-Eliya.” + 48 Masinyane omunye kubo wagijima wathatha isipontshi, wasicwilisa ewayinini elimuncu, wasihloma emhlangeni wayesemphuzisa. + 49 Kodwa bonke abanye bathi: “Myekeni! Ake sibone ukuthi u-Eliya uyeza yini ukuzomsindisa.” 50 UJesu waphinde wamemeza ngezwi elikhulu, wawudedela umoya wakhe. *+

51 Bheka! ikhethini lendlu engcwele + ladabuka + laba yizingxenye ezimbili, kusukela phezulu kuya phansi, + umhlaba wazamazama, namadwala aqhekeka. 52 Amathuna avuleka nezidumbu eziningi zabangcwele ababefile zaphuma 53 futhi zabonakala kubantu abaningi, (nabantu ababephuma emathuneni ngemva kokuvuswa kwakhe, bangena edolobheni elingcwele). 54 Kodwa lapho isikhulu sebutho nalabo ababenaso beqaphe uJesu, bebona ukuzamazama komhlaba nezinto ezazenzeka, besaba kakhulu bathi: “Ngokuqinisekile lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.” +

55 Abesifazane abaningi babekhona lapho bebukele bekude, labo ababekade behambisana noJesu besuka eGalile ukuze bamsize; + 56 phakathi kwabo kwakunoMariya Magdalena kanye noMariya unina kaJakobe noJose nonina wamadodana kaZebedewu. +

57 Manje njengoba kwase kuntambama kakhulu, kweza umuntu othile ocebile wase-Arimatheya, ogama lakhe linguJosefa, naye owayesengumfundi kaJesu. + 58 Lo muntu waya kuPilatu wacela isidumbu sikaJesu. + UPilatu wayala ukuba anikwe sona. + 59 UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngelineni elihlanzekile, elisezingeni eliphezulu, + 60 wasibeka ethuneni lakhe elisha + ayeliqophe edwaleni. Ngemva kokugingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. 61 Kodwa uMariya Magdalena nomunye uMariya baqhubeka belapho, behlezi phambi kwethuna. +

62 Ngosuku olulandelayo, olwalungemva kokuLungiselela, *+ abapristi abakhulu nabaFarisi bahlangana ndawonye phambi kukaPilatu, 63 bathi: “Mnumzane, siyakhumbula ukuthi lowaya mkhohlisi esaphila wathi, ‘Ngemva kwezinsuku ezintathu ngizovuswa.’ + 64 Ngakho-ke yala ukuba ithuna ligadwe kuze kube usuku lwesithathu, ukuze abafundi bakhe bangafiki bamebe + bese bethi kubantu, ‘Uvusiwe kwabafile!’ Bese le nkohliso yokugcina ibe yimbi kakhulu kuneyokuqala.” 65 UPilatu wathi kubo: “Ningabathatha abaqaphi. Hambani nilivikele ngokubona kwenu.” 66 Ngakho bahamba base belivikela ithuna ngokulivala ngci ngetshe nangokubeka abaqaphi.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela