Ngingabhekana Kanjani Nokucindezela Kontanga?
Incwadi evela ephoyiseni laseChicago, eU.S.A., ibonisa ukubaluleka kokwazi impendulo yombuzo ongenhla. Liyabhala:
“NgoJanuary 15, 1990, ngangisesha isiboshwa esineminyaka engu-18 ubudala esasibuyiselwe eChicago sivela eMississippi ngemvume enikwa ababaleki bakwamanye amazwe. Ingxenye yokusesha iwukuthatha zonke izimpahla zesiboshwa. Ezimpahleni zaso sasinencwadi ethi, Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.
“‘Uyifundile lencwadi?’ ngasibuza.
“‘Yebo,’ siphendula. ‘Ngesikhathi ngicashe eMississippi, ngangisebenza epulazini, futhi oFakazi BakaJehova ababili banginika lencwadi.’ Khona-ke saqala ukukhala, sikhala cishe ngokungalawuleki. Phakathi nokukhala, sathi: ‘Ngiyifunda kaningi lencwadi, futhi isahluko engisiphindaphindayo ngesithi “Ngingabhekana Kanjani Nokucindezela Kontanga?”’ Sanezela: ‘Ukuba ngangithole lokhu kwaziswa eminyakeni emithathu noma emine edlule, ngabe angikho lapha namuhla.’
“Lesiboshwa sathathwa safakwa esitokisini, futhi ngafunda umbiko wamaphoyisa nokuvuma amacala esakwenza emaphoyiseni. Kuwo sathi: ‘Umholi weqembu lami wathi mangehle ngomgwaqo ngidubule futhi ngibulale ilungu leqembu elibangisa iqembu lethu elalidayisa icocaine endaweni yakithi. Ngenza engangikutsheliwe. Ngangesaba ukuthi amanye amalungu ayezocabanga ukuthi ngiyigwala. Ngangifuna ukwamukelwa.’
“Lesiboshwa esineminyaka engu-18 ubudala sabekwa icala lokubulala, futhi uma silahlwa icala, sizolindela ukulengiswa ngokwenza lokho ontanga yaso abathi asikwenze.”
IBhayibheli linika iziqondiso ezinokwethenjelwa neseluleko esihlakaniphile ezinkingeni eziningi zanamuhla. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele iWatch Tower, Private Bag 2067, Krugersdorp, 1740, noma ubhalele kwelinye lamakheli asekhasini-5.