Ingabe Angatholakala Amakhophi Engeziwe?
“EKUQALENI kuka-November,” kubhala owesifazane othile waseMichigan, e-U.S.A., “mina nomamezala sasisesitolo sokunyathelisa eGrand Rapids senza i-photocopy yendaba ethile lapho ngibona owesifazane othile enza ama-photocopy endaba ephathelene nesifo sokukhathala esingamahlalakhona (CFS). Ngabuza ukuthi wayeke walithola yini ithuba lokufunda isihloko esikhuluma nge-CFS kumagazini i-Phaphama!
“‘Cha. Ngezwa ngaso kodwa angikaze ngiyithole ikhophi,’ ephendula.
“Ngambuza ukuthi wayengathanda yini ukuyithola.
“‘Ingabe ungangitholela yona?’ ebuza.
“Ngachaza ukuthi ngangingomunye woFakazi BakaJehova futhi kwakwenzekile ngaba namakhophi engeziwe ambalwa alowomagazini. Yebo, wanginikeza ikheli lakhe, futhi kamuva ngamthumelela lamakhophi ngeposi. Ngamcela ukuba asize angibhalele angazise ukuthi ucabangani ngalesisihloko.”
Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, lona wesifazane wabhala: “Ngiyabonga kakhulu. Isihloko osithumele siyathakazelisa. Ukwaziswa kucwaningwe kahle futhi kubhalwe kahle. . . . Ngingakwazi yini ukuthola amakhophi angaba ngu-1 000? Ngiyowakhokhela futhi ngingathanda ukuhlanganyela lokhu kwaziswa nabo bonke.”
Lapho lona wesifazane ezwa ukuthi abantu banganikela emsebenzini wokushumayela womhlaba wonke owenziwa oFakazi BakaJehova, wasayina isheke walithumela kuyi-Watchtower Bible & Tract Society. Wathi wayezosakaza labomagazini emaqenjini ahlukahlukene angu-17 abantu abane-CFS kuyo yonke iMichigan.
I-Phaphama! yenza okungaphezu kokubonisa abafundi indlela abangabhekana ngayo nezinkinga zanamuhla. Ibuye futhi yakhe ithemba esithembisweni soMdali sezwe elisha elinokuthula nelilondekile.
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele kwasohlwini ekhasini 5.
[Isithombe ekhasini 32]
Awake!
Chronic Fatigue Syndrome How to Deal With It