Yambangela Ukuba Athandaze
UKaren, omunye woFakazi BakaJehova ohlala eZweni laseNew York, wathi wathumelela unina incwadi ethi Ukulalela UMfundisi oMkhulu. “Nganikeza uMama lencwadi,” uKaren ebhala, “ukuze ayinikeze umshanakazi wami oneminyaka eyisishiyagalolunye, uJamie, ukuba ayifunde ebusuku.” UKaren wachaza: “Ngabhalela uJamie incwadi futhi ngamtshela ukuthi kufanele ayifunde njalo ebusuku kwaGogo, futhi wayeyoba nemicabango emihle ngaphambi kokuba alale.”
Umama kaKaren, ongesiye omunye woFakazi BakaJehova, kamuva watshela uKaren ukuthi uJamie waya embhedeni futhi waqala ukufunda lencwadi. Ngosuku olulandelayo ekuseni wathi ngaphambi kokuba alale wayethandazele umfowabo omncane (owayezohlinzwa). Lokhu kwamshukumisa kakhulu umama kaKaren ngoba akazange acabange ukuthi uJamie wayeke wathandaza ngaphambili.
UKaren wabhala: “Leyo incwadi enamandla ngempela uma ingabangela oneminyaka eyisishiyagalolunye ukuba athandaze ngemva kokufunda ingxenye yayo encane nje kuphela. Lokhu kungenze ngakwazisa ngisho nangokwengeziwe amandla alencwadi. Ngicabanga ukuthi iye yamhlaba umxhwele ngisho nomama ngoba uye wathi uphawule ukuthi lencwadi ibuza imibuzo eminingi futhi ngokusobala ifundisa ngokuziphatha okuhle hhayi nje ngenganekwane.”
Uma ungathanda ukuthola ikhophi yalencwadi ethi Ukulalela UMfundisi oMkhulu noma isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5.