Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 8/22 k. 32
  • Yenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise
  • I-Phaphama!—1994
I-Phaphama!—1994
g94 8/22 k. 32

Yenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise

LAPHO esinye isiguli eSouth Carolina, e-U.S.A., sithumelela omunye wabahlengikazi baso ipheshana elithi Jabulela Ukuphila Komkhaya, lomhlengikazi wasishayela ucingo esibonga ngalo. Umhlengikazi wathi wayehlanganyele lelipheshana nomyeni wakhe futhi babelifunde ndawonye ngenjabulo. Eqinisweni, umhlengikazi wathi babengakholelwa ukuthi kunokuthile okuhle kangako kokusiza imikhaya.

Isiguli sachaza: “Umhlengikazi wangitshela ukuthi lokhu kwaziswa kuyilokho kanye yena nomyeni wakhe ababexoxa ngakho mayelana nezinto ezifanelekile nezinhle emkhayeni kodwa bengazi ukuthi kunokuthile okulotshiwe mayelana nalendaba. Lapho esezovalelisa ocingweni wathi lelipheshana lihlala likuye nomaphi lapho eya khona futhi ulifunda ephindelela. Wathi uma nginakho okunye ukwaziswa mayelana nokuphila komkhaya ngisize ngimbonise khona.”

Isiguli sathumelela umhlengikazi incwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise sase sihlela ukuhlangana nalomhlengikazi ukuze baxoxe ngayo. Mhlawumbe nawe ungakujabulela ukwaziswa kokukusiza ekwenzeni ukuphila komkhaya wakho kujabulise kakhudlwana. Uma ungathanda ukuthola ikhophi ethi Jabulela Ukuphila Komkhaya nethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise noma ukuba uzoqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele e-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ubhalele ekhelini elifanele elisekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela