Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 2/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 2/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukudlala Ngokuziphatha Okubi Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ukudlala Ngokuziphatha Okubi—Iyini Ingozi?” (February 8, 1994) Ngangiphola nomfana othile, futhi wayevame ukungitshela ukuthi uma engangiqabuli noma angithinte, wayengenakukwazi ukubonisa ukuthi ungithanda kangakanani. Sahlobonga, futhi emasontweni amabili kamuva, wachitha amalungiselelo omshado wethu. Ngaphatheka kabi kakhulu—ngazizwa ngixhashaziwe. Ngifisa sengathi ngabe angizange ngibe isiwula kangaka. Ngiyanibonga ngokuveza lezizihloko, ebengizidinga ngempela.

N. R., United States

Ngake ngahileleka ekuphululaneni okuvusa inkanuko, futhi ngangicabanga ukuthi akunangozi kuphela nje uma ngingawelanga ekuhlobongeni. Lesisihloko sangisiza ngaqaphela ukuthi asinakumhleka uNkulunkulu nokuthi wazi zonke izinto.

T. J., Nigeria

Njalo lapho ngihlangana namalungu enkolo yenu, ngithatha ikhophi ye-Phaphama! Kwaba njalo ngomagazini ka-February 8, 1994. Isihloko esikhuluma ngokuziphatha okubi sangihlaba umxhwele. Izincwadi zesonto lethu i-Evangelical Lutheran Church azizihlanganisi izihloko ezinjalo, zikhulumela kakhulu ongqingili besilisa nabesifazane. Komagazini benu nidingida izihloko abanye abazibheka njengezingafanele. Isibindi senu nokholo oluqinile kungihlaba umxhwele.

H. S., Germany

Nginibonga ngokusuka enhliziyweni ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kunini Lapho ‘Kuwukweqisa’ Khona?” (October 22, 1993) Ngiphola nensizwa ethile engumKristu. Nakuba ukuqabulana nokuphululana kuvamile emphakathini wakithi, sabekelana imingcele zisuka nje. Akulula ukulandela izindinganiso zikaJehova zokulunga, futhi ngiyaqiniseka ukuthi lesisihloko siyosiza abaningi.

P. S. F., Brazil

Nakuba ngineminyaka engu-26 ubudala, izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” ziyigugu kimi. Ngangilokhu ngikhathazwa yilombuzo. Ngiyajabula kakhulu ngokuthi lesisihloko sikubeka ngokuqinisekile nangokucacile ukuthi kunini lapho kuwukweqisa khona!

V. V., Belgium

Izindawo Ezingamaxhaphozi Ngishukumiseleke ukuba ngibhale ngenxa yesihloko esithi “Izindawo Ezingamaxhaphozi Zomhlaba—Amagugu Endawo Ezungezile Ayahlaselwa.” (January 22, 1994) Izithombe zasiza ekugcizeleleni isibopho sethu sokulondoloza indalo kaJehova nabo bonke ubuhle bayo. Ngiyajabula ngokuthi ngokushesha uNkulunkulu ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.

Z. C. B. S., Brazil

Ngingumfana owevile eshumini nambili. Ngafunda lesisihloko ngaqaphela ukuthi imvelo iyancipha ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Ngiyabona manje ukuthi nakuba abantu bekhuluma ngokuba nobunye kulokho abakwenzayo, bayahluleka. Ngakho-ke, ngifuna ukwenza okusemandleni ukutadisha iBhayibheli ukuze ngibe sePharadesi likaNkulunkulu lesikhathi esizayo.

Y. K., Japan

Isihloko senu sasiyisibonelo esihle sokuthi injabulo yokufunda i-Phaphama! ayilethwa yilokho ekuqukethe kuphela kodwa futhi ukubukeka kwayo nendlela ebeka ngayo indaba: izithombe zinhle kakhulu, ukuhlelwa kwenziwe ngobunono futhi kucocekile. Ngiyabonga.

M. E., Canada

Owasinda Ekamu Lokuhlushwa Kwangikhuthaza kakhulu okuhlangenwe nakho kukaFeliks Borys okunesihloko esithi “Ngavikelwa Ukuba Nokholo KuNkulunkulu.” (February 22, 1994) Ukukufunda kwangishukumisa imizwelo ngempela, futhi kwadingeka ukuba ngibambe izinyembezi. Kunginikeze amandla okukhuthazela ngaphansi kokuvivinywa.

A. C., Italy

Lesisihloko sangisiza ukuba ngiwaqaphele ngisho nakakhulu amandla kaJehova okuvikela abamethembayo. Yeka indlela okwakushukumisa ngayo ukufunda ngendlela emangalisayo uJehova aphendula ngayo imithandazo kaFeliks Borys!

E. F., Sweden

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela