Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 11/8 k. 32
  • “Kwehla Izinyembezi Ebusweni Bami”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Kwehla Izinyembezi Ebusweni Bami”
  • I-Phaphama!—1995
I-Phaphama!—1995
g95 11/8 k. 32

“Kwehla Izinyembezi Ebusweni Bami”

“Ngamane-nje ngavula i-Phaphama! yami ka-March 8, 1995, futhi ngafunda isihloko esisesembozweni sangemuva esikhangisa incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Lesi sihloko sasithi ‘Bekunzima Kakhulu Ukukhula Ngaphandle Kwakhe.’ Kwehla izinyembezi ebusweni bami lapho ngifunda amazwi omuntu osemusha wase-Austria owashonelwa uyise eminyakeni eyishumi edlule. Ngineminyaka engu-50, futhi ngashonelwa ubaba lapho ngineminyaka engu-7. Wabulawa umdlavuza eneminyaka engu-39. Kwaba yimá ngiqala ukudabuka ngokufa kwakhe lapho ngilaliswe esibhedlela ngenxa yokucindezeleka okukhulu eminyakeni eyisithupha edlule. Bengilokhu ngelashwa eminyakeni emihlanu edlule futhi kuye kwadingeka ngifunde indlela yokubhekana nezinkinga ezinzima kakhulu.

“Ngangikholelwa ukuthi kukhona okuthile okungalungile ngempela ngami noma okholweni lwami, kwaze kwaba yilapho ngifunda lencwadi evela e-Austria. Ngangicabanga ukuthi kwakuyimi ngedwa onalomuzwa onamandla wokulahlekelwa kanye nesizungu esikhulu ngobaba. Kukhuthaza ngempela ukwazi ukuthi angingedwa nokuthi kunabanye abazizwa ngendlela engizizwa ngayo.

“Ngayifunda yonke incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Ngombono wami, ibe incwadi ezedlula zonke ezike zabhalwa ezifanele izidingo zami.”—Nks. A. G., Connecticut, U.S.A.

Ingabe uye walahlekelwa othandekayo ngokufa? Ungathanda yini ukuthola induduzo yangempela enikezwa iBhayibheli? Khona-ke zizwe ukhululekile ukucela ukwaziswa okumayelana nendlela ongathola ngayo ikhophi yalencwajana enamakhasi angu-32 ngokubhalela i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5 lalomagazini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela