Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 7/22 k. 32
  • Wayefuna Ukuthembeka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wayefuna Ukuthembeka
  • I-Phaphama!—1996
I-Phaphama!—1996
g96 7/22 k. 32

Wayefuna Ukuthembeka

Owesifazane othile osemusha e-Ecuador waya engxoxweni yokufuna umsebenzi. Ngemva kokuxoxa nabanye ababefuna lomsebenzi—ababengu-36 sebebonke—waqaphela ukuthi amathuba akhe ayemancane. Babenolwazi lomsebenzi nemfundo yaseyunivesithi, kuyilapho yena ayengenakho kokubili. Futhi phakathi kwemibuzo eyisithupha eyabuzwa, wahlulwa emibili. Nokho, omunye umbuzo wawuqondene nomuntu siqu: “Liyini iqiniso kuwe?”

Lona wesifazane waphendula: “Iqiniso aliwona umqondo ongaqondakali kodwa lingokuthile okufanele siphile ngakho. Kufanele sikhulume iqiniso futhi singaqambi amanga, ngoba uma siqamba amanga, sizihlanganisa noSathane uDeveli. Uma sikhuluma iqiniso, sithokozisa uNkulunkulu futhi sithola izinzuzo eziningi.”

Lapho umphathi ebuza ngenkolo yalona wesifazane, waphendula ngokuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Ngakusasa watshelwa ukuthi wayewutholile umsebenzi. Ngemva kwenyanga lona wesifazane wabuza lomphathi ukuthi kungani ayekhethe yena, futhi wathi kwakungenxa yokuthembeka kwakhe.

Akulona yini iqiniso ukuthi abantu abaningi namuhla abathembekile? Ngakolunye uhlangothi, abantu abahlonipha iBhayibheli baqapheleka ngokuthembeka kwabo. INqabayokulinda ka-July 1, 1995, yathi: “EBhayibhelini, ‘iqiniso’ alifani neze nomqondo ongenabufakazi, ongaqondakali izazi zefilosofi eziphikisana ngawo.”

Uyozuza ngokufunda INqabayokulinda njalo, eqashelwa emhlabeni wonke njengomlweli weqiniso leBhayibheli. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongathola ngayo ikhophi noma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela