‘Siza Ungitholele Amakhophi Ayikhulu’
UHildegard, omunye woFakazi BakaJehova ohlala eJalimane, wanikeza udokotela wakhe wezifo zabesifazane ikhophi ye-Phaphama! ka-February 22, 1995. Lomagazini wawuqukethe uchungechunge lwezihloko oluthi “Ukukuqonda Kangcono Ukunqamuka Kokuya Esikhathini.”
Kamuva, lapho indodakazi kaHildegard iya kudokotela ofanayo, yathola ukuthi wayezifundile lezi zihloko. Wanxusa: “Siza ubuze umama wakho ukuthi angangitholela yini amakhophi ayikhulu.”
Lapho omagazini befika, udokotela wathi: “Ungacabangi ukuthi ngizoba omunye woFakazi BakaJehova. Kodwa lezi zihloko ezikhuluma ngokunqamuka kokuya esikhathini zibhalwe ngendlela eyakhayo kangangokuthi iziguli zami kumelwe zizifunde.”
Ngokushesha ngemva kwalokho, uHildegard wezwa ukuthi iziguli zikadokotela zazibamukele ngenjabulo omagazini. Eqinisweni, omunye wesifazane wathi wayengazange ajabulele izihloko ezikhuluma ngokunqamuka kokuya esikhathini kuphela, kepha nezinye izihloko ezikulomagazini ngokufanayo. Ngakho-ke uHildegard washayela ihhovisi likadokotela wakhe ucingo ebuza ukuthi babebadinga yini abanye abengeziwe. “Singabathola abanye abayikhulu?” kubuza umsizi.
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongathola ngayo ikhophi ye-Phaphama! noma uma ungathanda ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.