Ingabe Izinkolo Zezwe Ziya Ekupheleni Kwazo?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESWEDEN
INGABE lesi sihloko sikwenza ubambe ongezansi uthi: ‘Kungenzeka kanjani lokho? Ingabe izinkolo zezwe azinawo amandla nethonya elikhulu emhlabeni wonke namuhla?’
Yebo, naphezu kokubhekana nezinkathazo eziningi, zibonakala zinjalo. Kuleli khulu lama-20, inkolo iye yangatshazwa futhi yadalulwa kunanini ngaphambili emlandweni wesintu. Izazi zezinkanyezi ziye zahlola indawo yonke ngezibonakude zazo ezinkulu, futhi nabashayeli bemikhumbi-mkhathi baye banqamula umkhathi; futhi njengoba kwasho umshayeli womkhumbi-mkhathi waseSoviet, abazange bambone “uNkulunkulu noma izingelosi.” Izazi ze-physics ziye zahlukanisa izinto zaba izicucu kodwa azizange zithole noma yimuphi umsuka waphezulu. Izazi zezinto eziphilayo nezazi zezinto zasendulo zithi ziye zaxhumanisa kabusha uchungechunge nenqubo yokuziphendukela kwemvelo, kusuka kuyi-amoeba kuya kumuntu, kodwa azizange zithole nethonya elincane lamandla okudala kunoma yikuphi kulolu chungechunge.
Nokho, ukuhlakanipha kwezwe nokuphishekela izinto ezibonakalayo kuye kwehluleka ukuqeda umzwelo ongokwenkolo kuleplanethi, futhi imibuso yezombangazwe engakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu namafilosofi nakho akuzange kuphumelele. Eminyakeni engaphezu kwengu-70, ubuKhomanisi bomashiqela, obungakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu babiza inkolo ngokuthi inkolelo-ze nangokuthi “umlaliso wabantu,” basusa abaholi benkolo ezikhundleni futhi bavimbela imisebenzi yabo, bacekela phansi noma baphanga amasonto namathempeli, bakhohlisa futhi babulala abantu abasontayo. Nokho, izenzo ezinjalo azizange ziwuqede umzwelo ongokwenkolo. Ngemva nje kokuketulwa kwalabo hulumeni, inkolo yabonakala idlondlobala ngamandla amasha. Emazweni ayengaphansi kobuKhomanisi, abantu sebethutheleka emathempelini abo amadala futhi, bekhuleka ngentshiseko njengoba kwakwenza okhokho babo ngaphambili.
Umzwelo ongokwenkolo usenamandla kwezinye izingxenye zezwe. Minyaka yonke edolobheni laseMecca, eSaudi Arabia, kuthutheleka izigidigidi zabakhulekeli abangamaSulumane abavela kuwo wonke umhlaba. ESt. Peter’s Square eVatican kuvame ukugcwala amakholwa angamaKatolika efuna nje ukubona upapa futhi enethemba lokuthola isibusiso sakhe. Izigidigidi zamaHindu azinikezele ziyaqhubeka zithutheleka ezindaweni eziningi zokukhulekela ezingwini zemifula “engcwele” yaseNdiya. AmaJuda azinikele athutheleka oDongeni Lokububula eJerusalema ukuze ayothandaza futhi ashiye imithandazo yawo ebhaliwe emifantwini yalolu donga.
Yebo, kubonakala kungenakwenzeka ukuqeda inkolo esintwini. “Umuntu ngokwemvelo uyisilwane esingokwenkolo,” kusho isikhulu sikahulumeni sase-Ireland u-Edmund Burke. Ngokwezibalo, abantu abahlanu kwabayisithupha emhlabeni ngandlela-thile bazihlanganisa nenkolo ethile. Ngokwezibalo zamuva nje, kunezigidi ezingaba ngu-4900 zabalandeli bezinkolo ezimisiwe emhlabeni, kuyilapho kunabantu abangaphezudlwana nje kwezigidi eziyinkulungwane abangasonti nabangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu.a
Sinalombono, ingabe kunengqondo ukukholelwa ukuthi izinkolo zezwe ziya ekupheleni kwazo? Futhi uma kunjalo, ziyophela nini futhi kanjani? Ingabe ikhona inkolo eyosala? Ake sicabangele lemibuzo ezihlokweni ezimbili ezilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a “Abantu abangasonti” bahlanganisa: “Abantu abathi abanankolo, abangewona amakholwa, abakholelwa ukuthi uNkulunkulu akaziwa, abaphika izimfundiso zenkolo, abamelene nenkolo nabangenasithakazelo kuzo zonke izinkolo.”
[Isithombe ekhasini 3]
ISt. Peter’s Square, eVatican City