Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 8/8 k. 32
  • “Ingokuthile Okukhethekile”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ingokuthile Okukhethekile”
  • I-Phaphama!—1998
I-Phaphama!—1998
g98 8/8 k. 32

“Ingokuthile Okukhethekile”

Ngemva kokufunda incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, okuyincwadi ezama ukuveza zonke izenzakalo zokuphila kukaJesu kwasemhlabeni ezilotshwe emaVangelini amane, owesifazane oneminyaka engu-70 waseMoscow, eRussia, wababaza: “Angikaze ngiyifunde incwadi enje. Ngifuna ukwazi okwengeziwe ngoNkulunkulu noJesu Kristu ngisho nokutadisha iBhayibheli.”

Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseRussia livame ukuthola izincwadi ezifana nalezi mayelana nezincwadi zeBhayibheli. Owesifazane waseChelyabinsk, idolobha elinezakhamuzi ezingaphezu kwesigidi eliqhele ngamakhilomitha angu-1500 eningizimu-mpumalanga yeMoscow, wathumela incwadi efanayo.

Ekhuluma ngencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, wathi: “Le ncwadi ingokuthile okukhethekile. Igxilisa kubantu ithemba lekusasa elijabulisayo futhi ibasiza ukuba bazi umlando wasendulo. Ngaphambi kokuthola le ncwadi, ngangingacabangi neze ngoNkulunkulu futhi ngangingenasithakazelo enkolweni, kodwa manje ngifuna ukubhapathizwa. Ngifuna ukuzifunda kakhulu izincwadi zenu. Ngifuna ukuxoxa ngezinto engizifundile nabangane bami, abantu engibajwayele nezihlobo.”

Nawe futhi ungathola izincwadi ezingakusiza ukuba ufunde okwengeziwe ngoJesu nangethemba elisekelwe eBhayibhelini lokuphila ezweni elisha. Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongayithola ngayo ikhophi yencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila noma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya azokuqhubela isifundo seBhayibheli samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela