“Ingokuthile Okukhethekile”
Ngemva kokufunda incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, okuyincwadi ezama ukuveza zonke izenzakalo zokuphila kukaJesu kwasemhlabeni ezilotshwe emaVangelini amane, owesifazane oneminyaka engu-70 waseMoscow, eRussia, wababaza: “Angikaze ngiyifunde incwadi enje. Ngifuna ukwazi okwengeziwe ngoNkulunkulu noJesu Kristu ngisho nokutadisha iBhayibheli.”
Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseRussia livame ukuthola izincwadi ezifana nalezi mayelana nezincwadi zeBhayibheli. Owesifazane waseChelyabinsk, idolobha elinezakhamuzi ezingaphezu kwesigidi eliqhele ngamakhilomitha angu-1500 eningizimu-mpumalanga yeMoscow, wathumela incwadi efanayo.
Ekhuluma ngencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, wathi: “Le ncwadi ingokuthile okukhethekile. Igxilisa kubantu ithemba lekusasa elijabulisayo futhi ibasiza ukuba bazi umlando wasendulo. Ngaphambi kokuthola le ncwadi, ngangingacabangi neze ngoNkulunkulu futhi ngangingenasithakazelo enkolweni, kodwa manje ngifuna ukubhapathizwa. Ngifuna ukuzifunda kakhulu izincwadi zenu. Ngifuna ukuxoxa ngezinto engizifundile nabangane bami, abantu engibajwayele nezihlobo.”
Nawe futhi ungathola izincwadi ezingakusiza ukuba ufunde okwengeziwe ngoJesu nangethemba elisekelwe eBhayibhelini lokuphila ezweni elisha. Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongayithola ngayo ikhophi yencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila noma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya azokuqhubela isifundo seBhayibheli samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.