Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngathi?
◼ Ingabe iwukuba nje sihlale isikhashana emhlabeni—mhlawumbe iminyaka engu-70 noma engu-80—bese sifa? Ingabe kuyinjongo kaNkulunkulu ukuba athathe abantu abalungile bayohlala ezulwini? Kungani uNkulunkulu adala umhlaba? Ingabe wawenzelwe ukuba ube ikhaya labantu lesikhashana nje?
Incwajana enamakhasi angu-32 ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! ibonisa ukuthi uNkulunkulu wenza umhlaba ngenjongo yokuba ube ikhaya lesintu laphakade. Umhlaba wethu wenziwa ngendlela yokuba ube ipharadesi elihle, uma unakekelwa kahle. Izihloko zale ncwajana ezithi “Kungani Umuntu Efa?” nesithi “Kuyini Ukufa?” ziyabonisa ukuthi konakalaphi, futhi esithi “UJehova Usinikeza UMsindisi” nesithi “Indlela Esisindiswa Ngayo Esonweni Nokufa” zembula indlela umhlaba oyoba ngayo ikhaya lesintu eliyipharadesi elihle.
Le ncwajana inezithombe ezingaphezu kuka-75, futhi kunombhalo weBhayibheli owodwa noma eyengeziwe ehambisana nesithombe ngasinye. Le mibhalo iyisisekelo sokuxoxa ngezithombe. Uma unezingane, ungasebenzisa lezi zithombe ukuze uzisize zifunde ngezinjongo zikaNkulunkulu.
Ukuze ucele ikhophi, mane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele incwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli samahhala.