Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/12 k. 5
  • Thola Usizo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Thola Usizo
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngingasebenzelana Kanjani Kahle Nothisha Wami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Othisha—Kungani Sibadinga?
    I-Phaphama!—2002
  • Izihluthulelo Zemfundo Enhle
    I-Phaphama!—1995
  • Abazali Abawenzile Umsebenzi Wabo Wasekhaya
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 10/12 k. 5

Thola Usizo

Ukuba nabantu abazokweluleka akubalulekile nje kuphela lapho usesesikoleni kodwa nalapho usumdala.

OBANI abangakusiza emizamweni yakho yokuphumelela esikoleni?

Abakini.

UBruna, intombazane yaseBrazil eneminyaka engu-18, uthi: “Lapho ngidinga usizo ngomsebenzi wesikole, ubaba wayengichazela lokho okuqukethwe yindaba abese engibuza imibuzo eholela empendulweni. Kodwa wayengiyeka ngizitholele izimpendulo.”a

Icebiso: Qala ngokubuza umzali wakho ukuthi wayesazi kangakanani isifundo wena osithola sinzima. Uma ayesazi kahle, uyena muntu ongakusiza-ke lowo.

Othisha.

Iningi lothisha liyakujabulela ukwazi ukuthi umfundi ufuna ngempela ukuphasa futhi bangakujabulela ukukusiza.

Icebiso: Vele uthi kuthisha, “Siyangehlula lesi sifundo, kodwa ngiyafuna ukusiphumelela. Ucabanga ukuthi yini okumelwe ngiyenze?”

Abeluleki.

Mhlawumbe umngane womndeni enimethembayo angakusiza. Lokho kungazuzisa ngezindlela ezimbili: Eyokuqala, uzothola usizo oludingayo; eyesibili, uzofunda ukuthembela osizweni lwabanye uma kunesidingo—into eyokusiza lapho usumdala. Iqiniso liwukuthi ukuphumelela ezintweni eziningi kudinga umzamo wabantu abaningi, hhayi owakho wedwa.—IzAga 15:22.

Icebiso: Buza abazali bakho ukuthi ubani ongaba umeluleki okahle.

Iphuzu eliyinhloko: Akukubi ukucela usizo!

Kungani ungaqali manje? Bhala phansi abantu ababili noma abathathu abayizibonelo ezinhle kuwe. Ukhona yini kubo ongaba nethuba lokukusiza ngomsebenzi wakho wesikole?

a Ingane yakini endala ingakwazi nayo ukukusiza.

“Uthisha Engimthanda Kakhulu”

“Uthisha engimthanda kakhulu wayenesandla esiqinile, kodwa wonk’ umuntu wayemhlonipha. Wayeba nomdlandla uma efundisa. Wayenza nezimpawu zomzimba, aye ngapha nangapha ekilasini njengoba ekhuluma. Wayesihilela sonke ezingxoxweni zekilasi. Uma kukhona ongakuqondi, wayekuchazela ngesineke uze ukuqonde. Wayehlale esitshela ukuthi uyayijabulela imibuzo yethu. Wayethi imibuzo yayingagcini nje ngokumsiza abone lokho esingakuqondi kodwa futhi yayimsiza nokuba abe uthisha ongcono. Wayesithanda sonke. Abafundi abaningi bakhetha ukufundela umsebenzi wokubala izimali—isifundo ayesifundisa—ngemva nje kokufunda unyaka ekilasini lakhe!”—U-Alana wase-Australia.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela