From the Publishers
Abantu abaningi bayaphila nje usuku nosuku, ngaphandle kokucabangela isikhathi esizayo. Abanye balandela ifilosofi yokuthi, ‘masidle siphuze, ngokuba sizokufa kusasa.’ Kodwa eqinisweni kungaba nokwengeziwe kunalokho ekuphileni. Lencwajana ichaza ukuthi ungayithola kanjani injabulo eyanelisayo ekuphileni manje nasesikhathini esihle esizayo esingaphambi kwethu. Ngaphandle kokufunda lencwajana, ungase ufise futhi ukuxoxa ngalezizinto ezibalulekile nomunye woFakazi BakaJehova, oyokujabulela ukuphendula imibuzo ongase ube nayo.
—ABACINDEZELI