Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 7
  • Indoda Enesibindi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indoda Enesibindi
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Wayemjabulisile UNkulunkulu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • U-Enoke—Wayenesibindi Naphezu Kobunzima
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • U-Enoke Wahamba NoNkulunkulu Ezweni Elingamhloniphi UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Hamba NoNkulunkulu Kulezi Zikhathi Zeziyaluyalu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 7
U-Enoke

INdaba 7

Indoda Enesibindi

NJENGOBA inani labantu laliqala ukwanda emhlabeni, iningi labo lenza izinto ezimbi njengoKhayini. Kodwa indoda eyodwa yayihlukile. Yile ndoda eyayibizwa ngokuthi u-Enoke. U-Enoke wayeyindoda enesibindi. Abantu ayephakathi kwabo babenza izinto ezimbi, kodwa u-Enoke waqhubeka ekhonza uNkulunkulu.

Indoda enobudlova osukwini luka-Enoke ibulala omunye umuntu

Uyazi ukuthi kungani abantu bangaleso sikhathi babenza izinto eziningi kangaka ezimbi? Cabanga, Ubani owabangela u-Adamu no-Eva ukuba bangamlaleli uNkulunkulu badle isithelo ayethé bangasidli? Yebo kwakuyingelosi embi. IBhayibheli liyibiza ngokuthi uSathane. Uzama ukwenza wonke umuntu abe mubi.

Ngelinye ilanga uJehova wathi u-Enoke atshele abantu okuthile abangafunanga ukukuzwa. Kwakuyilokhu: ‘UNkulunkulu uzobhubhisa bonke abantu ababi.’ Abantu kungenzeka bathukuthela kakhulu ngokuzwa lokhu. Kungenzeka nokuthi bazama ukumbulala u-Enoke. Ngakho u-Enoke kwakudingeka abe nesibindi impela ukuze atshele abantu okwakuzokwenziwa uNkulunkulu.

Abantu ababi osukwini luka-Enoke baphila ukuphila okungalawuleki

UNkulunkulu akathandanga ukuba u-Enoke aphile isikhathi eside phakathi kwabantu ababi. U-Enoke waphila iminyaka engama-365 kuphela ubudala. Kungani sithi “engama-365 kuphela”? Ngoba abantu ngaleso sikhathi babeqinile kunamanje futhi bephila isikhathi eside impela. Indodana ka-Enoke uMethusela waphila iminyaka engama-969 ubudala!

Ngemva kokufa kuka-Enoke, abantu baqhubekela phambili nobubi. IBhayibheli lithi ‘zonke izinto ababezicabanga zazizimbi njalo,’ futhi ‘umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.’

Uyasazi esinye sezizathu zokuba kube nenkathazo engako emhlabeni ngalezo zinsuku? Siwukuthi uSathane wayesenendlela entsha yokwenza abantu benze izinto ezimbi. Sizofunda ngalokhu ngokulandelayo.

Genesise 5:21-24, 27; 6:5; Hebheru 11:5; Jude 14,15.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela