Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 25
  • Umkhaya Uthuthela EGibhithe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umkhaya Uthuthela EGibhithe
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Akazange Amkhohlwe UJosefa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • “Ingabe Ngisesikhundleni SikaNkulunkulu?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • UJosefa Uzondwa Abafowabo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • “Ngicela Nilalele Iphupho Engiliphuphile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 25
UJakobe noJosefa bayakhala njengoba bephinda behlangana eGibhithe

INdaba 25

Umkhaya Uthuthela EGibhithe

UJOSEFA akasakwazi ukuzibamba. Utshela izinceku zakhe zonke ukuba ziphume endlini. Lapho esesele yedwa nabafowabo, uJosefa uyakhala. Singacabanga ukuthi abafowabo bamangala kanjani, ngoba abazi ukuthi ukhalelani. Ekugcineni uthi: ‘NginguJosefa. Ingabe ubaba usaphila?’

Abafowabo bamangala kangangokuthi bayahluleka ukukhuluma. Bayesaba. Kodwa uJosefa uthi: ‘Sizani nisondele.’ Lapho besondela, uthi: ‘Ngingumfowenu uJosefa, enamthengisa eGibhithe.’

UJosefa uyaqhubeka ekhuluma ngendlela yomusa: ‘Ningazibeki icala ngokungithengisa kwenu lapha. Eqinisweni ngangithunywa uNkulunkulu eGibhithe ukuba ngisindise ukuphila kwabantu. UFaro uye wangenza umbusi wezwe lonke. Manje phuthumani niye kubaba nimtshele lokhu. Nimtshele ukuba eze azohlala lapha.’

UJosefa azilahle kubafowabo, abange bonke. Uma uFaro ezwa ukuthi abafowabo bakaJosefa bafikile, utshela uJosefa: ‘Mabathathe izinqola bahambe balande uyise nemikhaya yabo beze lapha. Ngizobanika izwe elihle kakhulu eGibhithe lonke.’

Benza kanjalo. Lapha ungambona uJosefa ehlangana noyise lapho efika eGibhithe nomkhaya wakhe wonke.

Abafowabo bakaJosefa nemindeni yabo bathuthela eGibhithe

Umkhaya kaJakobe usumkhulu impela. Bebonke babengama-70 abathuthela eGibhithe, uma sibala uJakobe nabantwana bakhe nabazukulu. Kodwa kwakukhona nabafazi futhi, cishe nezinceku eziningi. Bonke laba bahlala eGibhithe. Babizwa ngokuthi ama-Israyeli, ngoba uNkulunkulu wayeshintshe igama likaJakobe laba u-Israyeli. Ama-Israyeli aba ngabantu abakhethekile kuNkulunkulu, njengoba sizobona kamuva.

Genesise 45:1-28; 46:1-27.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela