Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 100 k. 232-k. 233 isig. 2
  • Umfanekiso KaJesu Womina Abayishumi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umfanekiso KaJesu Womina Abayishumi
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umfanekiso Womina
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Umfanekiso Womina
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Funda Emfanekisweni Womina Abayishumi
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Isifundo Ngokuzikhandla​—⁠Amathalenta
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 100 k. 232-k. 233 isig. 2
Inceku ibuyisela umina enkosini yayo

ISAHLUKO 100

Umfanekiso KaJesu Womina Abayishumi

LUKA 19:11-28

  • UMFANEKISO KAJESU WOMINA ABAYISHUMI

Nakuba uJesu esalibangise eJerusalema, kungenzeka usasendlini kaZakewu kanye nabafundi bakhe. Bakholelwa ukuthi “uMbuso kaNkulunkulu” uzomiswa ngokushesha nokuthi uJesu uyiNkosi yawo. (Luka 19:11) Abayiqondi kahle le ndaba njengoba behlulekile ukuqonda ukuthi uJesu kufanele afe. Ngakho wenza umfanekiso ukuze babone ukuthi uMbuso usekude ukufika.

Uthi: “Umuntu wozalo lwasebukhosini waya ezweni elikude ukuze azitholele amandla obukhosi bese eyabuya.” (Luka 19:12) Uhambo olunjalo lungathatha isikhathi eside. Kuyacaca ukuthi uJesu uyena “umuntu wozalo lwasebukhosini” othatha uhambo oluya “ezweni elikude,” okuwukuthi ezulwini, lapho uYise eyomnika amandla obukhosi.

Kulo mfanekiso, ngaphambi kokuthi ahambe “umuntu wozalo lwasebukhosini” ubiza izinceku zakhe eziyishumi, ngayinye ayinike omina besiliva, bese ethi: “Hwebani ngabo ngize ngibuye.” (Luka 19:13) Omina besiliva bangempela bayimali enkulu. Umina wesiliva ulingana nemali umuntu osebenza kwezolimo angayithola esesebenze izinyanga ezintathu.

Kungenzeka abafundi bayabona ukuthi izinceku eziyishumi kulo mfanekiso zifanekisela bona ngoba uJesu usanda kubafanisa nezisebenzi ezivunayo. (Mathewu 9:35-38) Yiqiniso akakaze abacele ukuthi balethe isivuno sokusanhlamvu. Kunalokho isivuno sihlanganisa abanye abafundi abangathola indawo eMbusweni kaNkulunkulu. Abafundi basebenzisa noma yini abanayo ukuze bakhiqize izindlalifa ezengeziwe zoMbuso.

Yikuphi okunye uJesu akuvezayo kulo mfanekiso? Izakhamuzi ‘ziyamzonda [umuntu wozalo lwasebukhosini] futhi zithumela amanxusa ukuba athi kuye, ‘Asifuni ukuba ube inkosi yethu.’’ (Luka 19:14) Abafundi bayazi ukuthi amaJuda awamfuni uJesu—amanye afuna ngisho ukumbulala. Ngemva kokufa kukaJesu nokwenyukela kwakhe ezulwini, amaJuda abonisa ukuthi awamfuni kangakanani ngokushushisa abalandeli bakhe. Laba baphikisi bakwenza kucace ukuthi abafuni uJesu abe iNkosi.—Johane 19:15, 16; IzEnzo 4:13-18; 5:40.

Izinceku eziyishumi, zibasebenzisa kanjani omina bazo kuze kube yilapho “umuntu wozalo lwasebukhosini” ethola “amandla obukhosi” futhi ebuya? UJesu uthi: “Ekugcineni lapho ebuya ngemva kokuba esethole amandla obukhosi, wabiza izinceku ayezinike imali ukuze athole ukuthi zizuzeni ngokuhweba. Ngakho eyokuqala yeza, yathi, ‘Nkosi, umina wakho uzuze omina abayishumi.’ Wathi kuyo, ‘Wenze kahle nceku enhle! Ngenxa yokuthi uzibonakalise uthembekile entweni encane kakhulu, uzophatha amadolobha ayishumi.’ Kwabe sekuza eyesibili, yathi, ‘Umina wakho Nkosi, wenze omina abahlanu.’ Wathi nakulena, ‘Nawe futhi, phatha amadolobha amahlanu.’”—Luka 19:15-19.

Uma abafundi beqonda ukuthi banjengezinceku ezisebenzisa yonke impahla yazo ukuze zenze abafundi abengeziwe, bangaqiniseka ukuthi uJesu uyojabula. Bangaqiniseka nangokuthi uyobavuza ngokuzikhandla kwabo. Yiqiniso, abafundi bakaJesu abaphili bonke ngendlela efanayo futhi abanawo amathuba namakhono afanayo. Noma kunjalo uJesu, othola “amandla obukhosi,” uyokubona abakwenzayo futhi uyoyibusisa imizamo yabo eqotho yokwenza abafundi.—Mathewu 28:19, 20.

Phawula umehluko njengoba uJesu ephetha umfanekiso wakhe, uthi: “Kodwa enye [inceku] yeza yathi, ‘Nkosi, nanku umina wakho engawufihla ugoqwe ngendwangu. Uyabona, bengikwesaba ngoba ungumuntu onokhahlo; uthatha ongakubekanga, uvuna ongakutshalanga.’ Wathi kuyo, ‘Ngikwahlulela ngamazwi akho nceku embi. Bewazi ukuthi ngingumuntu onokhahlo, akunjalo, othatha angakubekanga novuna angakutshalanga? Pho kungani ungazange uyifake imali yami ebhange? Lapho ngibuya, bengiyoyithatha isinenzalo.’ Wabe esethi kulabo ababemi lapho, ‘Thathani umina kuye niwunike lowo onomina abayishumi.’”—Luka 19:20-24.

Le nceku iyalahlekelwa, ngenxa yokuthi ayikwazanga ukusebenza ukuze yandise umcebo wombuso wenkosi yayo. Abaphostoli balindele ukuthi uJesu abuse eMbusweni kaNkulunkulu. Ngakho lapho bezwa lokho akushoyo ngenceku yokugcina, kungenzeka bayaqonda ukuthi uma bevilapha ngeke bayithole indawo kulowo Mbuso.

Amazwi kaJesu kumelwe abafake umfutho abafundi abaqotho ukuze bakhuphule amasokisi. Ube esephetha ngokuthi: “Ngithi kini, bonke abanakho, bayonikwa okwengeziwe, kodwa lowo ongenakho, uyophucwa ngisho nalokho anakho.” Uqhubeka athi izitha zakhe, ezingafuni ukuba ‘abe inkosi yazo’ ziyobulawa. UJesu ube eseqhubeka nohambo lwakhe oluya eJerusalema.—Luka 19:26-28.

  • Yini eyenza uJesu enze umfanekiso womina?

  • Ubani “umuntu wozalo lwasebukhosini” futhi iliphi izwe aya kulo?

  • Zingobani izinceku futhi zingobani izakhamuzi ezinenzondo?

  • Uyini umehluko phakathi kwezinceku ezithola umvuzo nenceku ephucwa umina?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela