Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 1/1 kk. 8-9
  • Badalulwa Imifanekiso Yesivini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Badalulwa Imifanekiso Yesivini
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Badalulwa Imifanekiso Yesivini
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Imifanekiso Emibili Ngamasimu Amagilebhisi
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Maye Ngesivini Esingathembekile!
    Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
  • Umfanekiso Wezisebenzi Zasensimini Yamagilebhisi
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 1/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Badalulwa Imifanekiso Yesivini

UJESU usethempelini. Usanda kudida abaholi benkolo abebefuna ngenkani ukwazi ukuthi izinto uzenza ngegunya likabani. Ngaphambi kokuba basanguluke ekudidekeni kwabo, uJesu uyabuza: “Kepha nithini na?” Futhi esebenzisa umfanekiso ubabonisa ukuthi baluhlobo luni lwabantu ngempela.

“Umuntu wayenamadodana amabili,” kulandisa uJesu. “Waya kweyokuqala, wathi: Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini. Yaphendula yathi: Angithandi; kodwa ngasemuva yaguquka, yaya. Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: Ngiyaya, nkosi; kepha kayiyanga. Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?” kubuza uJesu.

“Eyokuqala,” kuphendula abaphikisi bakhe.

Ngakho uJesu uyachaza: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.” Ngamanye amazwi, abathelisi nezifebe ekuqaleni benqaba ukukhonza uNkulunkulu. Kodwa-ke, njengendodana yokuqala, baphenduka futhi bamkhonza. Ngakolunye uhlangothi, abaholi benkolo, njengendodana yesibili, babethi bakhonza uNkulunkulu, kodwa, njengoba uJesu ephawula: “UJohane [uMbhapathizi] weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; kodwa nina, khona nikubona, aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye.”

Ngokulandelayo uJesu ubonisa ukuthi ukwehluleka kwalabaholi benkolo akukhona nje ukudebeselela ukukhonza uNkulunkulu. Cha, kodwa eqinisweni bangabantu ababi. “Kwakukhona umuntu, umninindlu,” kulandisa uJesu, “owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe. Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo, wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe. Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe. Waphinda wathuma ezinye izinceku eziningi kunezokuqala; benze njalo nakulezo.”

“Izinceku” zingabaprofethi “umninindlu,” uJehova uNkulunkulu, abathumela ‘kubalimi besivini’ sakhe. Labalimi bangabameleli abaholayo besizwe sakwaIsrayeli, isizwe iBhayibheli elisibiza ngokuthi “isivini” sikaNkulunkulu.

Njengoba “abalimi” beziphatha kabi futhi bezibulala “izinceku,” uJesu uyachaza: “Ekugcineni [umninisivini] wathuma kubo indodana yakhe, ethi: Bayakuyazisa indodana yami. Kepha kwathi abalimi bebona indodana, bakhululma bodwa, bathi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo. Base beyibamba, bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala.”

Manje, ekhuluma nabaholi benkolo, uJesu uyabuza: “Pho-ke, mhla kufika umninisivini, uzakubenze-njani labobalimi na?”

Bayaphendula: “Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.”

Kanjalo abaholi benkolo bazahlulela bona ngokwabo bengazi, njengoba bephakathi ‘kwabalimi’ abangamaIsrayeli ‘besivini’ sikaNkulunkulu esiyisizwe sakwaIsrayeli. Isithelo uJehova asilindele kubalimi abanjalo ukholo eNdodaneni yakhe, uMesiya wangempela. Ngenxa yokwehluleka kwabo ukuletha isithelo esinjalo, uJesu uyaxwayisa: “Anizange nifunde yini emibhalweni [kumaHubo 118:22, 23] ukuthi: Itshe abalinqabayo abakhi lona laba-yinhloko yegumbi; lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu, na? Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo. Owayo phezu kwalelitshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”

Ababhali nabapristi abakhulu manje bayaqaphela ukuthi uJesu ukhuluma ngabo, futhi bafuna ukumbulala, “indlalifa” engokomthetho. Ngakho njengesizwe bayophucwa ilungelo lokuba ababusi eMbusweni kaNkulunkulu, futhi kuyokwakhiwa isizwe esisha ‘sabalimi besivini,’ esiyokhiqiza izithelo ezifanele.

Ngenxa yokuthi labaholi benkolo bayazesaba izixuku, ezibheka uJesu njengomprofethi, abazami ukumbulala ngalesikhathi. Mathewu 21:28-46; Marku 12:1-12; Luka 20:9-19; Isaya 5:1-7.

◆ Amadodana amabili emfanekisweni kaJesu wokuqala amelela bani?

◆ Obani abamelelwa “umninindlu,” “isivini,” “abalimi,” “izinceku,” ‘nayindlalifa’ emfanekisweni wesibili?

◆ Kuyokwenzekani ‘kubalimi besivini,’ futhi obani abayobathathela indawo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela