Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 2/1 k. 24
  • ‘Ukuvuna’ EVenezuela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ukuvuna’ EVenezuela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Sesiyisebenze Kaningi Insimu Yethu!”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Kudingeka Ngokuphuthumayo—Izisebenzi Zokuvuna Ezengeziwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Amasimu Asemhlophe Alungele Ukuvunwa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Yibani Yizisebenzi Zokuvuna Ezijabulayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 2/1 k. 24

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

‘Ukuvuna’ EVenezuela

Ngesinye isikhathi uJesu wafanisa umsebenzi wokushumayela nokuvuna kwaminyaka yonke. (Mathewu 9:36-38) INkosi yokuvuna inguJehova uNkulunkulu, futhi ukuvuna kukhulu ngempela emhlabeni wonke. Lokhu kuhlanganisa nensimu engasetshenzwa njalo eVenezuela.

Ihhovisi legatsha laseVenezuela leWatch Tower Society libika lokho okwenzeka lapho iqembu loFakazi lisebenza insimu yaseSabana Grande, eZweni laseGuárico. LaboFakazi bayalandisa: “Indlu esasizohlala kuyo yayiyindawo enhle yokuba siqhubele kuyo imihlangano, ngakho zisuka nje saqala ukumemela abantu emihlanganweni lapho. Abantu babengazi lutho ngoFakazi BakaJehova. Nakuba kwakunamaqembu amane abavangeli kulelidolobha, abantu babelangazelela ukufunda iBhayibheli.

“Sasebenza amahora amathathu ekuseni namahora amathathu ntambama, singena indlu ngendlu futhi simemela abantu emhlanganweni ngobusuku obulandelayo. Sasingenazo izihlalo, ngakho sabacela ukuba beze nezihlalo zabo siqu. Lapho kusondela isikhathi sokuba umhlangano uqale, abantu baqala ukufika, ngamunye wabo ephethe isihlalo. Lapho umhlangano usuphelile, sabatshela ukuthi sasingathanda ukubhala phansi amagama alabo ababefisa ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Bonke ababekhona abangu-29 bafuna ukuba amagama abo afakwe ohlwini.

“Njengoba sasivala umnyango ngemva kokuhamba kwesivakashi sokugcina, saphawula ukuthi kwakunamadoda amathathu ayemi ngasegunjini lendlu. Cishe ngehora lesishiyagalolunye, sase silungele ukuhlala phansi sidle lapho engqongqoza emnyango. Abuza imibuzo enjengokuthi: ‘Okwani lokhu kushumayela enikwenzayo lapha kulelidolobha? Kungani beninomhlangano lapha namuhla kusihlwa?’

“Sabuza ukuthi ukhona yini umthetho esasiwuphulile. Alandula ayesethi angabefundisi bamasonto amathathu abavangeli akulelodolobha. Ayecasukile ngoba amasonto awo ayengenamuntu ngalobobusuku. Sawamema ukuba angene sase siwachazela umsebenzi wethu. Sawahambisela nezincwadi ezithile futhi sawacela ukuba abuye ngoLwesine olulandelayo.

“NgoLwesine olulandelayo labefundisi beza behamba nabanye abantu abangu-22 ababefuna ukuzwa esikushoyo. Labefundisi bacabanga ukuthi, njengoba singabesifazane, sasingeke sikufanelekele ukuxoxa nabo. Nokho, umhlangano waba impumelelo ngendlela esabona ngayo. Ekugcineni sachaza ukuthi sasibhala uhlu lwalabo ababefuna ukufunda okwengeziwe eBhayibhelini. Iningi labangane balabefundisi lafuna ukuba amagama alo afakwe kuloluhlu, futhi abanye baze bathi bafuna ukuhamba nathi emsebenzini wokushumayela!

“Sachaza ukuthi kwakudingeka babe nolwazi olwengeziwe lweBhayibheli futhi baqeqeshwe ngaphambi kokuba bahlanganyele nathi emsebenzini wokushumayela. Nsuku zonke abantu babeza endlini yethu, basicele ukuba sibachazele ngeBhayibheli. Ngezinye izikhathi, lapho sasesikhulume kwaze kwaba sebusuku kakhulu, kwakudingeka sibacele ukuba baye emakhaya abo. Lapho ekugcineni kudingeka sihambe kulensimu, babedabuke kakhulu futhi basitshela ukuthi uma sibuya, bayohamba nathi emsebenzini wokushumayela. Bathembisa ukuthi ngalesosikhathi bayobe sebenze intuthuko edingekile.”

Ngenkathi oFakazi behamba kuleyonsimu, kwakunabantu abangu-40 ababefuna ukutadisha iBhayibheli. Amagama alabantu abathakazelayo anikezwa ibandla eliseduzane, eliqhele ngamakhilomitha acishe abe ngu-50. Ngakho, abanye oFakazi abasuka kwelinye idolobha baye bathuthela kulelidolobha, futhi kuye kwakhiwa iqembu labashumayeli abashisekayo bezindaba ezinhle.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela