Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wabathola bewusizo ngempela kuwe omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Khona-ke kungani ungahloli inkumbulo yakho ngalemibuzo elandelayo:
▫ Kungani oFakazi BakaJehova beqhubeka bevakashela omakhelwane babo?
OFakazi BakaJehova ngokwabo bafuna isibusiso sikaNkulunkulu ngoMbuso othenjisiwe, futhi ngenxa yothando ngomakhelwane babo, bafuna ukuba bathole isibusiso esifanayo. Ngaleyondlela, belandela isibonelo sikaJesu, bazizwa bephoqwe uthando olungenabugovu ukuba bavakashele omakhelwane babo. (Mathewu 6:9, 10; 22:37-39)—8/15, amakhasi 8, 9.
▫ Kungani ukukholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo kuyindaba yokholo?
Izazi zesayensi azikaze zizibone izinguquko—ngisho nalezo ezizuzisayo—eziveza izinhlobo ezintsha zokuphila, kodwa izazi zokuziphendukela kwemvelo ziphikelela ngokuthi lena indlela izinhlobo ezintsha zokuphila ezafika ngayo. Izazi zokuziphendukela kwemvelo azizange zikubone ukuphila okususelwa ezintweni ezingaphili, kodwa ziphikelela ngokuthi lena indlela ukuphila okwaqala ngayo.—9/1, ikhasi 5.
▫ Singakunqoba kanjani ngendlela engcono kakhulu ukudumazeka okungase kubangelwe ukuvinjelwa ekuphileni?
Kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo sethu, uma sigxila kulokho esingakwenza kunokuba sikhathazeke ngalokho esingenakukwenza, ukuphila kuyoba okwanelisa ngokwengeziwe, futhi siyothola injabulo enkonzweni kaNkulunkulu. (IHubo 126:5, 6)—9/1, ikhasi 28.
▫ Ziyini izinzuzo zokuthethelela?
Ukuthethelela abanye kuthuthukisa ubuhlobo obuhle (Efesu 4:32); akulethi ukuthula nabantu esiphila nabo kuphela kodwa nokuthula kwangaphakathi (Roma 14:19; Kolose 3:13-15); ukuthethelela abanye kuvula indlela yokuba izono zethu zithethelelwe (Mathewu 6:14); futhi, kusisiza ukuba sikhumbule ukuthi nathi siyakudinga ukuthethelelwa. (Roma 3:23)—9/15, ikhasi 7.
▫ Isibonelo sikamprofethi u-Amose sisiza kanjani emsebenzini wethu wokushumayela?
Njengo-Amose, asisiguquli noma sisishaye indiva isigijimi sikaNkulunkulu. Kunalokho, ngokulalela siyasimemezela kungakhathaliseki ukuthi izilaleli zethu zisabela kanjani.—9/15, ikhasi 17.
▫ Iziphi izimfanelo zikaNkulunkulu okufanele sizilingise?
Ezimbili ezibalulekile ikhono likaJehova lokuhlela izinto nenjabulo yakhe. (1 Korinte 14:33; 1 Thimothewu 1:11) Lezizimfanelo zikaNkulunkulu ziyalinganisela, ngakho enye ayenziwa ivelele ngokukhinyabezwa kwenye.—10/1, ikhasi 10.
▫ Iziphi ezinye izinyathelo eziqondile abazali abaye bazithatha ukuze basize abantwana babo ukuba bakhonze uJehova?
Isihluthulelo esibalulekile ukusheshe uqale. Amathonya aye atholwa nezifundo eziye zafundwa phakathi neminyaka yokuqala kuyohlala ukuphila konke. (IzAga 22:6) Kubalulekile ukubafundisa ukulalela nokuhlonipha uJehova nokukhulekelwa kwakhe kuyo yonke imihlangano. Abazali abaphumelelayo bafunda ukuqaphela ukuthambekela okungalungile, futhi basiza abantwana babo ukuba bakulungise. (IzAga 22:15) Okokugcina, qala ngokushesha ukubekela ingane yakho imigomo engokwasezulwini engayifinyelela ngokunengqondo.—10/1, amakhasi 27-8.
▫ Isiphi isici esiphawulekayo sokuthethelela kukaJehova okufanele sizame ukusilingisa?
UJehova uyathethelela futhi akhohlwe. (Jeremiya 31:34) Lokhu kunzima ngezidalwa ezingabantu ukuba zikwenze. Ukubaluleka kokwenza kanjalo kwagcizelelwa uJesu, njengoba kulotshwé kuMathewu 6:14, 15.—10/15, amakhasi 25-6.
▫ Iziphi izithiyo ezintathu ezingasivimbela ukuba sibe nobubele?
Ngenxa yesimo sethu sobuntu esinesono, imizwa yomhawu ingase yakheke. Uma siba nomhawu ngothile, singamphatha kanjani ngobubele besisa? Ukuzenza sivulekele ebudloveni ngokungadingekile kungesinye isithiyo. Lokhu kusenza singabi naluzwela ngokuhlupheka kwabanye. Ngaphezu kwalokho, umuntu onobugovu cishe uyontula ububele. (1 Johane 3:17)—11/1, amakhasi 19, 20.
▫ Iziphi izifundo ezingafundwa ekulandiseni okungokomBhalo okuphathelene noJobe?
Ukulandisa okuphathelene noJobe kusenza siziqaphele ngokwengeziwe izindlela zobuqili zikaSathane futhi kusisiza ukuba sibone indlela ubukhosi bukaJehova bendawo yonke obuhlobene ngayo nobuqotho bomuntu. NjengoJobe, bonke abathanda uNkulunkulu kumelwe bavivinywe. Nathi ngokufanayo singakhuthazela njengoba kwenza uJobe, sibonakalise uSathane engumqambimanga, futhi sijabulele izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu.—11/15, ikhasi 20.
▫ Usihlalo wendikimba yabadala angakubonisa kanjani ukumqaphela okufanele umdala ngamunye?
Uma kungenzeka usihlalo kufanele anikeze uhlaka lwamaphuzu azocatshangelwa kusasele isikhathi impela ukuze abanye abadala babe nesikhathi sokucabangela ngokucophelela nangomthandazo iphuzu ngalinye elisohlakeni. Emhlanganweni wabadala, ngeke azame ukuthonya imibono yabadala kodwa uyobakhuthaza ukuba babe ‘nenkululeko yokukhuluma’ mayelana nezindaba okukhulunywa ngazo. (1 Thimothewu 3:13, NW)—12/1, ikhasi 30.