“Angikaze Ngiyibone Into Enjengalena!”
NGO-1993 ihhovisi le-Watch Tower Society e-Argentina lamenywa ukuba lithumele eSantiago, eChile, izihambeli eziyinkulungwane zoMhlangano Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” WoFakazi BakaJehova wezinsuku ezine. Kwakuqala ngqá ukuthi oFakazi base-Argentina bamenywe ukuba bahambe njengeqembu elikhulu baye emhlanganweni wakwelinye izwe.a Kwaba yini ukusabela? Kwatheleka izicelo ezingaphezu kuka-8 500, kwakhethwa izihambeli ezingu-1 039 kuzo.
Kwaqashwa amabhasi angu-14 esewonke ayezohamba loluhambo olungamakhilomitha angu-1 400 olusuka eBuenos Aires luya eSantiago. Izindawo ezinhle ngokumangalisayo zengeza ubumnandi baloluhambo olungamahora angu-26. Lapho zidabula iziNtaba zase-Andes, lezi zihambeli zadlula eduze kwe-Aconcagua, ephakeme ngamamitha angu-6 960, isiqongo esiphakeme kunazo zonke eNtshonalanga neNkabazwe. Ukhumbuleka ngokukhethekile umgwaqo owehlelayo, omazombezombe owehlela e-Chile. Abashayeli bashayelwa ihlombe isikhathi eside ngenxa yekhono labo ekubhekaneni nalendawo eyinselele!
Nokho, okuhle kakhulu ezazisazokubona kwakusemhlanganweni ngokwawo. Ezweni lemibango yobuzwe nesimo esishubile sobuhlanga, yeka indlela okwakuqabula ngayo ukubona isixuku esinobunye sabangu-80 000 ababekhona bevela emazweni angu-24—ubuzalwane bomhlaba wonke ngempela! Njengoba babezibonele ngawabo ubunye obuphakathi kwababesemhlanganweni, abanye babashayeli bamabhasi babonisa isithakazelo sokufunda okwengeziwe ngoFakazi BakaJehova. “Angikaze ngiyibone into enjengalena!” kubabaza omunye wabo.
[Umbhalo waphansi]
a Kusukela ngo-1949 kuya ku-1982 imithetho evimbelayo kahulumeni e-Argentina yenza ukuba isenzakalo esinjalo singabi nakwenzeka.