Liyini Ikusasa Lomhlaba Wethu?
I-World Military and Social Expenditures 1996 ithi: “Alikho elinye ikhulu leminyaka emlandweni elifana nelama-20 ngobudlova bemiphakathi obunonya, ngenani lezimpi ezalwiwa, izinqwabanqwaba zababaleki ezadaleka, izigidi zabantu ezabulawa ezimpini nezindleko ezinkulu ‘zokuzivikela.’” Ingabe lesi simo siyoke sishintshe?
Umphostoli uPetru wakhumbuza amaKristu ngesithembiso esenziwa uNkulunkulu emakhulwini eminyaka ngaphambili: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso [sikaNkulunkulu], futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) La mazwi ekuqaleni ayeyingxenye yesiprofetho sika-Isaya. (Isaya 65:17; 66:22) Saqale sagcwaliseka ku-Israyeli wasendulo lapho lesi sizwe sibuyiselwa ezweni laso lesithembiso ngemva kokuthunjwa iBabiloni iminyaka engu-70. Ngokuphinda lesi sithembiso ‘samazulu amasha nomhlaba omusha,’ uPetru wabonisa ukuthi lesi siprofetho sasisazogcwaliseka ngezinga elikhulu nakakhulu—lomhlaba wonke!
Ukumiswa kwezimo zokulunga emhlabeni wonke kuyintando kaNkulunkulu, futhi kuyolethwa uMbuso wakhe wasezulwini lapho uKristu eyobe ebusa kuwo njengeNkosi. “Isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” (Isaya 2:4) Ukuthula okunjalo okuphelele nokulondeka emhlabeni, yilokho uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bakulindele futhi bakuthandazele kulokho okuvame ukubizwa ngokuthi uBaba Wethu, noma uMthandazo WeNkosi, othi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.
Ingabe ungakujabulela ukuphila ezweni elinokulunga okunjengokwasezulwini? Yilelo themba iBhayibheli elilinikeza wonke umuntu okufuna ngobuqotho ukwazi uNkulunkulu nokuphila ngezindlela zakhe zokulunga.