Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ungazigodli Ekumemezeleni Izindaba Ezinhle
LAPHO abahloli bamazwe baseYurophu befika okokuqala eGulf of Venezuela naseLake Maracaibo, ugu lolwandle lwalugcwele amaqhugwane amancane afulelwe ngotshani, akhiwe phezu konoxhongo phezu kwamanzi angajulile. Ukubona le ndawo kwakukhumbuza umuntu iVenice, e-Italy, lapho abantu bakha khona imizi yabo igudle unqenqema lwamanzi. Ngakho abahloli bamazwe abakhuluma iSpanishi baqamba le ndawo ngokuthi iVenezuela, okusho ukuthi “iVenice Encane.”
Namuhla, kuleli lizwe elihle kwenziwa ukwakha kolunye uhlobo, okungokomoya. Lapha, oFakazi BakaJehova bamatasa bahlwanyela imbewu yoMbuso ngawo wonke amathuba afanelekayo. Isivuno esingokomoya esiba umphumela siyisa udumo olukhulu ‘eNkosini yokuvuna,’ uJehova uNkulunkulu.—Mathewu 9:37, 38.
Lapho umbonisi ojikelezayo ehambela ibandla elisesifundeni saseZulia enyakatho-ntshonalanga yeVenezuela, oFakazi bakule ndawo bahlela ukuba yena nomkakhe bavakashele isiqhingi esincane esiseduze okuthiwa iToas. Lapho besemgqeni belinde isikejana sasekuseni kakhulu esiya kulesi siqhingi, umkambonisi ojikelezayo, uMery, wasikisela kudade oyiphayona lesikhathi esigcwele ayehamba naye, ukuba bakhulume nezinye zezisebenzi ezisesikebheni. Lo dade oyiphayona wavuma.
Eya kumakhenikha, uMery wakhipha incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Wambonisa isahluko esithi “Ukwakha Umkhaya Odumisa UNkulunkulu,” futhi wabonakala esijabulela. UMery wabe esechaza ukuthi ngokusebenzisa le ncwadi, wayengaba nesifundo seBhayibheli kwakhe. Wayamukela le ncwadi, futhi kwenziwa amalungiselelo okuba othile amvakashele kwakhe.
Ngemva kwesikhashana, kwaba nomhlangano wosuku olukhethekile kule ndawo. Yeka indlela uMery amangala ngayo lapho ebona lo makhenikha, uMnu. Nava, elapho, kanye nomkakhe namadodakazi amabili amancane! UMery wabuza umkaNava ukuthi ucabangani ngesifundo sabo seBhayibheli somkhaya. Impendulo yakhe yamangaza kakhulu.
“Ngiyambonga uJehova ngokuthi sifunde iqiniso,” esho. Wabe esechaza. “Lapho ukhuluma nomyeni wami, wayesanda kungishiya wayohlala nomunye wesifazane. Futhi wayephuza kakhulu. Ngezinye izikhathi lapho edakiwe, wayehlukumeza, into umphakathi omncane wakulesi siqhingi owawungayithandi. Futhi wayesebenzelana nemimoya. Nokho, ulwazi lweBhayibheli aluzuze kulesi sifundo luye lwamsiza ukuba enze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakhe. Useyiyekile yonke imikhuba yakhe engahlanzekile. Abazali bakhe, abangamaKatolika, bahlabeke umxhwele kakhulu ngalezi zinguquko. Bayajabula ngokuthi manje ungumyeni nobaba ongamethemba.”
UMnu. Nava wabhapathizwa ngo-1996 futhi manje ukhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele. Umkakhe, uJenny, wabhapathizwa ngo-1997. Izinguquko ezenziwa yilo makhenikha wezikebhe zamhlaba umxhwele umphathi-dolobha kangangokuthi naye wacela isifundo seBhayibheli. Yeka indlela lab’odade abajabula ngayo ngokuthi abazigodlanga ekumemezeleni izindaba ezinhle lapho besemgqeni belinde isikebhe ekuseni ngalolo suku!
[Izithombe ekhasini 7]
Ukuhlanganyela izindaba ezinhle nomakhenikha wezikebhe kwaba nemiphumela ejabulisayo