Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w00 2/15 k. 32
  • Abantu—Ingabe Bayizilwane Nje Ezingcono?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abantu—Ingabe Bayizilwane Nje Ezingcono?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
w00 2/15 k. 32

Abantu—Ingabe Bayizilwane Nje Ezingcono?

“Ingabe kubalulekile ukuthi sikholelwani ngokuphathelene nemvelaphi yokuphila?”

Intombazane yaseBrazil eneminyaka engu-16 ubudala yabuza lo mbuzo esingenisweni senkulumo yayo enesihloko esithi “Ingabe Abantu Bayizilwane Nje Ezingcono?” Yayicelwe uthisha wayo ukuba ixoxe nekilasi ngalowo mbuzo ngemva kokuba lo thisha ethole ikhophi ye-Phaphama! ka-June 22, 1998 enaleso sihloko.

Lo Fakazi osemusha waqokomisa indlela eye yaba inhlekelele ngayo imfundiso yokuziphendukela kwemvelo esekelwe ekuzikhetheleni kwemvelo. Ngokwesibonelo, abantu abaningi banomuzwa wokuthi inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo yaholela ekubeni abanye babheke impi njengengxenye engokwemvelo nje yomzabalazo waphakade wokusinda, okuye kwacaba indlela yokuthuthuka kobuFasi nobuNazi.

Lo mfundi wabonisa ukuthi kunegebe elikhulu phakathi kwabantu nezilwane. Wathi: “Abantu kuphela abangathuthukisa ingokomoya. Abantu kuphela abazama ukuthola injongo yokuphila. Abantu kuphela abakhathazwa ukufa, abakhathazeka ngemvelaphi yabo nabanesifiso sokuphila phakade. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba sizinike isikhathi sokuthola okwengeziwe ngemvelaphi yethu!”

Uthisha wayincoma leyo nkulumo enhle. Wathi iye yaphumelela ngenxa yokuthi lo Fakazi osemusha uyakuthanda ukufunda. Esikoleni le ntombazane yaziwa njengekushisekelayo ukufunda izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezinjenge-Phaphama! ne-Nqabayokulinda.

OFakazi BakaJehova bakhathazeka ngempela ngomphumela inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo enawo ezinhliziyweni nasezingqondweni zabantu abasha. Ngenxa yalesi sizathu, ibandla le ntombazane ehlanganyela kulo lakhuthaza oFakazi abasebasha ukuba banike othisha nalabo abafunda nabo ikhophi ye-Phaphama! ka-June 22, 1998. Kwasakazwa omagazini abangaba ngu-230 ezikoleni ezihlukahlukene kulelo dolobha. Umphathi woMnyango Wesayensi kwesinye isikole wenza isikhokhelo se-Phaphama!

Yebo, kubalulekile ukuthi yini esiyikholelwayo ngemvelaphi yokuphila! Lona osemusha nabangane bakhe baye babonisa ukuthi ukukholelwa kuMdali kuye kwenza umehluko wangempela ekuphileni kwabo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela