Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wakujabulela ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:
• Kungani imibuzo ephakanyiswe kuJobe isahluko 38 ikufanelekela ukucatshangelwa namuhla?
Izenzo eziningi ezimangalisayo uNkulunkulu aletha ukunakekela kuzo azinakuqondwa ngokugcwele ngisho nangososayensi besimanje. Lezi zihlanganisa indlela amandla adonsela phansi agcina ngayo umhlaba usemzileni wawo, lokho ukukhanya okuyikho ngempela, ukuthi kungani kunezinhlobonhlobo zamakhekheba eqhwa, indlela amaconsi emvula akheka ngayo nokuthi amandla ahlangene kanjani nemibani.—4/15, amakhasi 4-11.
• Yiziphi izibonelo zeBhayibheli ezingasisiza sibhekane nemizwa edikibalisayo?
U-Asafa, uBaruki noNawomi babhekana nezikhathi zokukhathazeka noma eminye imizwa edikibalisayo, futhi ukulandisa okungokomBhalo kokubhekana kwabo ngokuphumelelayo nezimo ezinjalo kungasisiza.—4/15, amakhasi 22-4.
• Yiziphi ezinye izindlela ezingokoqobo esingabasiza ngazo abafelokazi abangamaKristu?
Abangane ngomusa nangokucacile banganikeza usizo. Amalungu omkhaya noma abanye bangaba sesimweni sokusiza ngokwezimali noma ngokwezinto ezibonakalayo, lapho kunesidingo esibaluleke ngempela. AmaKristu akanye naye nawo angase asize ngokupha ngobungane obunothando, ngokunikeza ukusekela okungokomoya nenduduzo.—5/1, amakhasi 5-7.
• Kungani kubalulekile ukushada “kuphela eNkosini,” njengoba eyoku-1 Korinte 7:39 iyala?
Ukushada nabantu abangakholwa ngokuvamile kuye kwaholela enhlekeleleni. Ngaphezu kwalokho, ukulandela lesi siyalo saphezulu kuyindaba yokwethembeka kuJehova uNkulunkulu. Lapho senza ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu, izinhliziyo zethu azisilahli. (1 Johane 3:21, 22)—5/15, amakhasi 20-1.
• Njengoba kunguJehova osithethelela izono zethu, kungani amaKristu evuma izono ezingathi sína emadodeni amadala ebandleni?
Yebo, umKristu kufanele afune intethelelo kaJehova ezonweni ezingathi sína. (2 Samuweli 12:13) Kodwa njengomprofethi uNathani owanikeza uDavide usizo, abadala abavuthiwe bebandla nabo bangazisiza izoni eziphendukayo. Ukuya kubadala kuhambisana nesiqondiso esinikezwe kuJakobe 5:14, 15.—6/1, amakhasi 31.
• Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi kumelwe sinakekele izintandane nabafelokazi abaswele?
Ukulandisa okungokomlando kubonisa ukuthi ukunakekela ngaleyo ndlela kwakuphawula ukukhulekela kweqiniso phakathi kwamaHeberu asendulo namaKristu okuqala. (Eksodusi 22:22, 23; Galathiya 2:9, 10; Jakobe 1:27) Umphostoli uPawulu wahlanganisa iziqondiso ezicacile emiBhalweni zokuba amaKristu anakekele abafelokazi abaswele. (1 Thimothewu 5:3-16)—6/15, amakhasi 9-11.
• Siyini isihluthulelo sokuphila okujabulisayo nokunenjongo?
Kumelwe sihlakulele futhi sigcine ubuhlobo obufanele noBaba wethu osezulwini uJehova. Ukutadisha iBhayibheli kuwusizo olubalulekile ekwenzeni kwethu lokho.—7/1, amakhasi 4-5.
• Ingabe umuntu ngamunye unomoya ongafi osindayo lapho yena efa?
Nakuba abantu abathile bekholelwa ukuthi umoya—hhayi umphefumulo—awufi, iBhayibheli aliwusekeli lo mbono. Libonisa ukuthi lapho umuntu efa, ubuyela emhlabathini futhi akabe esaphila. Kodwa uNkulunkulu unawo amandla okumbuyisela ekuphileni, ngakho-ke noma yiliphi ithemba lokuphila esikhathini esizayo ngovuko, lixhomeke kuNkulunkulu. (UmShumayeli 12:7)—7/15, amakhasi 3-6.
• Wayekuphi uDaniyeli lapho amaHeberu amathathu evivinywa ethafeni laseDura?
IBhayibheli alisho. Kungenzeka ukuthi uDaniyeli wayengabophekile ukuba lapho ngenxa yesikhundla ayenaso, noma kungenzeka wayesesabelweni sokuthunywa sasebukhosini. Kodwa singaqiniseka ngokuthi akazange akulahle ukwethembeka kwakhe kuJehova.—8/1, ikhasi 31.