Imisebenzi Emihle Ikhazimulisa UNkulunkulu
NGOKUZIPHATHA kwawo okuhle nemisebenzi eyisibonelo, amaKristu eqiniso aletha inkazimulo kuNkulunkulu. (1 Petru 2:12) Lokhu kungabonwa ngalokho okwenzeke eNtaliyane eminyakeni yakamuva.
Ngo-September 1997, ukuzamazama komhlaba okwesabekayo kwahlasela izingxenye ezahlukene zezifunda zaseMarche nase-Umbria, kwacekela phansi imizi engaba ngu-90 000. Ngokushesha amaqembu oFakazi BakaJehova anika abakholwa nabo kanye nabanye usizo. Kwanikelwa ngezinqola ezidonswayo, izikhwama zokulala, izitofu, imishini yokuphehla ugesi, nezinye izinto ezidingekayo. Le mizamo yokuletha usizo yaqashelwa.
Iphephandaba i-Centro labika: “Abokuqala abafika nosizo ezindaweni ezithintekile kwakungoFakazi BakaJehova baseRoseto [esifundazweni saseTeramo] . . . Ngaphandle kokuhlangana ngezikhathi ezithile ukuze bathandaze, labo abathembekile kuJehova basebenza ngendlela engokoqobo, benikeza usizo kwabahluphekile, bengakhathali ngokuthi abayiphi inkolo.”
Umphathi-dolobha waseNocera Umbra, elinye lamadolobha ayethinteke kakhulu, wabhalela oFakazi: “Nginibonga ngokusuka enhliziyweni ngosizo enilunikeze umphakathi waseNocera. Ngiyaqiniseka ukuthi ngenanela umuzwa wezakhamuzi zonke zakhona.” Ngaphezu kwalokho, uMnyango Wezangaphakathi waklomelisa i-Congregazione Cristiana dei Testimoni di Geova (Ibandla LobuKristu LoFakazi BakaJehova) ngesitifiketi sokubatusa kanye nendondo ukuze “kufakazele umsebenzi abawenzile nenkuthalo ebonakale kulokho abakwenza ngaphansi kwesimo esiphuthumayo esaphakama ezifundeni zase-Umbria naseMarche.”
Ngo-October 2000, izikhukhula ezesabekayo zahlasela isifunda sasePiedmont enyakatho yeNtaliyane. Nalapha futhi, oFakazi abapholisanga maseko baqala ukwenza amalungiselelo okunikeza usizo. Le misebenzi emihle nayo yaqashelwa. ISifunda SasePiedmont sabaklomelisa ngebheji ngenxa yomsebenzi wabo “omuhle wokuzithandela ekusekeleni umphakathi wasePiedmont owawuhlukunyezwe izikhukhula.”
UJesu Kristu wayala abafundi bakhe: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Mathewu 5:16) OFakazi BakaJehova ngenjabulo bakhazimulisa uNkulunkulu ngokwenza “imisebenzi emihle” esiza omakhelwane babo ngokomoya nangezinye izindlela, abazikhazimulisi bona ngokwabo.