Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 7/1 k. 32
  • Gwema Ukukhohliswa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Gwema Ukukhohliswa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 7/1 k. 32

Gwema Ukukhohliswa

UKUKHOHLISA yinto endala kakhulu. Esinye sezenzo zokuqala emlandweni olotshiwe kwakungesokukhohlisa. KwakungesikaSathane ekhohlisa u-Eva ensimini yase-Edene.—Genesise 3:13; 1 Thimothewu 2:14.

Nakuba kusukela lapho singakaze sibe khona isikhathi lapho ukukhohlisa kwakungandile emhlabeni, namuhla kudlange nakakhulu. Lapho likhuluma ngezikhathi zanamuhla kusengaphambili, iBhayibheli laxwayisa: “Abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa.”—2 Thimothewu 3:13.

Abantu bakhohliswa ngenxa yezizathu ezihlukahlukene. Abakhohlisi nabakhwabanisi bayenga izisulu ukuze badle imali yazo. Abezombusazwe abathile bakhohlisa abalandeli babo ukuze baqhubeke bephethe kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Abantu bazikhohlisa ngisho kwabona. Kunokuba babhekane namaqiniso angathandeki, bazikhohlisa ngokuthi akunangozi ukuphikelela emikhubeni eyingozi, enjengokubhema, ukudla izidakamizwa noma ukuziphatha kabi ngokobulili.

Nasezindabeni zenkolo kukhona ukukhohlisa. Abaholi benkolo bosuku lukaJesu babekhohlisa abantu. Ekhuluma ngalabo bakhohlisi, uJesu wathi: “Bangabaqondisi abayizimpumputhe. Khona-ke, uma umuntu oyimpumputhe eqondisa umuntu oyimpumputhe, bobabili bayowela emgodini.” (Mathewu 15:14) Ngaphezu kwalokho abantu bazikhohlisa bona ezindabeni zenkolo. IzAga 14:12 zithi: “Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.”

Njengasosukwini lukaJesu, abaningi namuhla bakhohlisiwe ezindabeni zenkolo, futhi akumangalisi! Umphostoli uPawulu wathi uSathane ‘uye waphuphuthekisa izingqondo zabangewona amakholwa, ukuze kungakhanyi ukukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo ezimayelana noKristu, ongumfanekiso kaNkulunkulu.’—2 Korinte 4:4.

Uma sikhohliswa umkhwabanisi, silahlekelwa imali. Uma sikhohliswa othile wezombusazwe, singase silahlekelwe inkululeko yethu. Kodwa uma sikhohliswa uSathane, bese silenqaba iqiniso eliphathelene noJesu Kristu, silahlekelwa ukuphila okuphakade! Ngakho gwema ukukhohliswa. Vula ingqondo nenhliziyo uhlole umthombo ongenakuphikiswa weqiniso elingokwenkolo, iBhayibheli. Kukhulu kakhulu okungakulahlekela uma ungenzi kanjalo.—Johane 17:3.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela