Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 8/1 k. 8
  • ‘Izwi LikaNkulunkulu Linamandla’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Izwi LikaNkulunkulu Linamandla’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Akwenzeki Umthengi Abe Nephutha”
    I-Phaphama!—1997
  • Isandla SikaJehova Besilokhu Sinathi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Iqiniso LeBhayibheli “Linamandla”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • “Izwi LikaNkulunkulu . . . Linamandla”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 8/1 k. 8

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

‘Izwi LikaNkulunkulu Linamandla’

ESIQHINGINI saseJamaica esikuyiCaribbean elihlale libalele kuso, iningi labantu lilijwayele iBhayibheli. Empeleni, cishe kuyo yonke imizi ikhona i-King James Version, futhi abanye abantu baye bazibonela ukuthi “izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla.” (Heberu 4:12) La mandla angashintsha ukuphila, njengoba kuboniswa yisenzakalo esilandelayo.

Indoda okuthiwa uCleveland yayisanda kufika ekhaya ivela emsebenzini lapho kufika omunye woFakazi BakaJehova. Ngemva kokuxoxa nayo ngamaphuzu athile asemiBhalweni, lo Fakazi wayishiyela incwadi yokutadisha iBhayibheli ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. UCleveland wayengazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu laliyoba namandla kangakanani ekuphileni kwakhe.

UCleveland wayevame ukuthandaza kathathu ngosuku, ecela uNkulunkulu ukuba amsize athole indlela efanele yokumkhulekela. UCleveland wayeqiniseka ukuthi abazali bakhe abamkhulekeli ngendlela efanele, kodwa ngemva kokuhlola ezinye izinkolo wadumala. Nakuba ayeke wezwa ngoFakazi BakaJehova, wayengabaza ukuthi bayinkolo yeqiniso. Yize engabaza enjalo, wavuma ukutadisha iBhayibheli naloya Fakazi owayefike kwakhe. Ngani? Ngoba wayefuna ukuveza ukuthi oFakazi banephutha!

Kungakabiphi, uCleveland wathola ukuthi ubuhlobo bokuziphatha okubi ayenabo nabesifazane ababili abumjabulisi uNkulunkulu. (1 Korinte 6:9, 10) Ngemva kwezifundo ezimbili nje, waqunga isibindi wahlukana nalaba besifazane. Waqala nokuya emihlanganweni yobuKristu eHholo LoMbuso. Kodwa nalokhu kwaba olunye uvivinyo.

UCleveland wayeseqenjini lebhola lomphakathi, futhi imidlalo yalo yayingqubuzana nezikhathi zemihlangano. Wayezokwenzenjani? Nakuba bamcindezela kakhulu ayedlala nabo, umqeqeshi nabangane bakhe, uCleveland wanquma ukuhoxa kuleli qembu lebhola. Yebo, iZwi likaNkulunkulu lase liqala ukuba namandla, limthonyela kokuhle!

Amandla eZwi likaNkulunkulu aphinde abonakala lapho uCleveland eqala ukuxoxela abanye lokho akwaziyo ngeBhayibheli. (IzEnzo 1:8) Ngenxa yalokho, ababili ababeseqenjini lakhe baqala ukuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Ngemva kokufaneleka kwakhe ukuba ummemezeli wezindaba ezinhle, uCleveland wayijabulela kakhulu inkonzo, esebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukusiza abanye.

Eqhubeka eshukunyiswa amandla eZwi likaNkulunkulu, uCleveland wagcina ebonakalise ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngobhapathizo lwamanzi futhi usejabulela ilungelo lokuba isikhonzi sesikhathi esigcwele nenceku ekhonzayo ebandleni.

EJamaica nakuwo wonke umhlaba, izinkulungwane zabantu ziye zafunda ukuthi iZwi likaNkulunkulu “liyaphila futhi linamandla” ngempela.

[Amabalazwe ekhasini 8]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

JAMAICA

[Umthombo]

Map and globe: Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela