OFakazi BakaJehova Ababulawa Bayakhunjulwa
NGO-MARCH 7, 2002, kwambulwa uqwembe lwesikhumbuzo edolobheni laseKörmend entshonalanga yeHungary. Lwaluyisikhumbuzo sokufa koFakazi BakaJehova abathathu ababulawa amaNazi ngo-1945.
Lolu qwembe lunanyathiselwe odongeni lwekomkhulu lanamuhla lomnyango wabacisha umlilo kuHunyadi Road, lapho babulawelwa khona phambi kwabantu. Lolu qwembe lwalwenzelwe ukukhumbula ‘amaKristu abulawelwa ukwenqaba ngenxa kanembeza ngo-March 1945. U-Antal Hőnisch (1911-1945), uBertalan Szabó (1921-1945), uJános Zsondor (1923-1945), 2002, oFakazi BakaJehova.’
Babulawa sekusele izinyanga ezimbili kuphela kuphele iMpi Yezwe II. Abulawelwani la maKristu? Iphephandaba laseHungary i-Vas Népe liyachaza: “Ngemva kokuba uHitler ethathe izintambo zokubusa eJalimane, akuwona amaJuda kuphela ayeshushiswa futhi ehlushwa efakwa emakamu okuhlushwa futhi ebulawa uma engaziphiki izinkolelo zawo, kodwa nabathembekile koFakazi BakaJehova. . . . Ngo-March 1945 abantu babephila ngokwesatshiswa entshonalanga yeHungary. . . . Okunye kwalokhu kwesabisa kwakuwukudingisa nokubulala amalungu oFakazi BakaJehova.”
Uhlelo lokumbulwa kwalolu qwembe lwaluhlukene kabili. Ingxenye yokuqala yayiqhutshelwa ehholo elikhulu laseBatthyány Castle, lapho kwakukhona khona izikhulumi ezinjengoProfesa Szabolcs Szita, umongameli we-Holocaust Documentation Center eBudapest; uLászló Donáth, ilungu le-Parliament’s Committee for Human Rights, Minority and Religious Affairs; noKálmán Komjáthy owayekhona lapho bebulawa futhi oseyisazi-mlando sedolobha. Abantu ababekhona abangaphezu kuka-500 banqamula idolobha ngezinyawo beyothamela ingxenye yesibili yohlelo—ukumbulwa koqwembe nguMphathi-dolobha laseKörmend uJózsef Honfi.
Encwadini yakhe yokuvalelisa, uJán Žondor (János Zsondor) wacela abafowabo nodadewabo abangamaKristu ukuba bangadabuki. Wabhala: “Ngisawakhumbula amazwi kaJohane akusAmbulo 2:10 athi: ‘Zibonakalise uthembekile kuze kube ngisho nasekufeni.’ . . . Tshelani abasekhaya ukuba bangadabuki, ngoba ngifela iqiniso angifi ngoba ngiyisigebengu.”
[Isithombe ekhasini 32]
Bertalan Szabó
[Isithombe ekhasini 32]
Antal Hőnisch
[Isithombe ekhasini 32]
Ján Žondor