Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 2/1 k. 32
  • Ubuqotho—Buyadingeka, Kodwa Ingabe Banele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubuqotho—Buyadingeka, Kodwa Ingabe Banele?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 2/1 k. 32

Ubuqotho—Buyadingeka, Kodwa Ingabe Banele?

INGABE ubuqotho buyadingeka ngempela ekuphileni kwethu kwansuku zonke? Ubuqotho buchazwa ngokuthi ukungabi nabuzenzisi nokungambuluzi; ukuthembeka; ukungakhohlisi. Kusobala ukuthi le mfanelo iyasiza ekuthuthukiseni ubudlelwane obuhle nabanye. Umphostoli uPawulu weluleka ngokuthi: “Balaleleni kukho konke labo abangamakhosi enu ngomqondo ongokwenyama, kungabi ngezenzo zokuthenga amehlo, njengabajabulisa abantu, kodwa ngobuqotho benhliziyo, ngokwesaba uJehova.” (Kolose 3:22) Ubani ongeke akujabulela ukusetshenzelwa umuntu oqotho kanjalo? Namuhla abantu abaqotho bangase babe sethubeni elingcono lokuthola umsebenzi futhi bawulondoloze.

Nokho, okwenza ubuqotho budingeke nakakhulu, indlela obukuthinta ngayo ubuhlobo bethu noNkulunkulu. Ama-Israyeli asendulo ayejabulela isibusiso sikaNkulunkulu lapho egcina ngokucophelela imithetho nemikhosi. Lapho ekhuluma ngokuhlanzeka kwebandla, uPawulu wakhuthaza amaKristu wathi: “Masiwugcine lo mkhosi, hhayi ngemvubelo endala, noma ngemvubelo yobubi nokukhohlakala, kodwa ngamaqebelengwane angenamvubelo obuqotho nangeqiniso.” (1 Korinte 5:8) Ukuze ukukhulekela kwethu kwamukeleke kuNkulunkulu, akukona nje ukuthi ubuqotho buyadingeka kodwa futhi buyimfuneko. Nokho, phawula ukuthi ubuqotho bubodwa abanele. Kumelwe buhambisane neqiniso.

Kungenzeka ukuthi abakhi nabagibeli be-Titanic babekholelwa ngobuqotho ukuthi lo mkhumbi wawungenakucwila. Nokho, ohambweni lwawo lokuqala ngo-1912 washayisa intaba yeqhwa kwafa abantu abangu-1 517. Kungenzeka ukuthi amaJuda athile angekhulu lokuqala ayekholelwa ngobuqotho ukuthi indlela yawo yokukhulekela uNkulunkulu yayilungile, kodwa intshiseko yawo yayingavumelani ‘nolwazi olunembile.’ (Roma 10:2) Ukuze samukeleke kuNkulunkulu, izinkolelo zethu eziqotho kumelwe zisekelwe ekwazisweni okunembile. OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayokujabulela ukukusiza uhlole ukuthi yini ehilelekile ekukhonzeni uNkulunkulu ngobuqotho nangeqiniso.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela