Unembeza Othembekile
NGOLUNYE usuku, uCharles, isisebenzi saseyunivesithi yaseKenya, walahlekelwa umakhal’ekhukhwini wakhe lapho ebuya emsebenzini eya ekhaya. EKenya, omakhal’ekhukhwini baseyinto ebizayo yomntakasibanibani.
UCharles uthi: “Ngangingalindele muntu ukuba angitholisele wona.” Nokho, ngemva kwezinsuku ezimbalwa, wamangala ukuthola ucingo oluvela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eKenya. Kwaba sengathi uyaphupha lapho ecelwa ukuba eze azolanda ucingo lwakhe! UCharles wathola lapho ukuthi isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova sasigibele naye futhi sathola lolu cingo. Sizama ukuthola umnikazi walo, isikhonzi saluhambisa ehhovisi legatsha, futhi izisebenzi zokuzithandela lapho zagcina zimtholile uCharles ngokumfuna zisebenzisa izinombolo ezazikulolo cingo.
Encwadini ayibhalela ihhovisi legatsha, uCharles wathi: “Angive ngiyazisa imizamo eniyenzile yokungithola naphezu kobunzima obuhilelekile. Ngiwabonga ngokusuka enhliziyweni amalungu enhlangano yenu athola lolu cingo, athola ukuthi olukabani futhi angitholisela lona. Akulula ukuthola umuntu othembekile namuhla, kodwa kuyakhuthaza ukuthi kunabambalwa abaphawulekayo ababa oFakazi BakaJehova uNkulunkulu bangempela.”
OFakazi BakaJehova baziwa yonke indawo ngokuthembeka kwabo. Balingisa umphostoli uPawulu owathi: “Sithemba ukuthi sinonembeza othembekile, njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Hebheru 13:18; 1 Korinte 11:1) Bayaqonda ukuthi ukuziphatha okunjalo kukhazimulisa uJehova uNkulunkulu, njengoba uJesu asho: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.”—Mathewu 5:16.