Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 3/1 k. 32
  • Ingabe Ukholo Lungamelapha Ogulayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukholo Lungamelapha Ogulayo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 3/1 k. 32

Ingabe Ukholo Lungamelapha Ogulayo?

LAPHO sigula, siye sifune usizo nokwelashwa. Cishe uyazi ukuthi iBhayibheli lithi kaningi uJesu Kristu wayelapha zonke izinhlobo zokugula, elethela abagulayo impumuzo. Wabelapha kanjani? IBhayibheli lithi: ‘Ngamandla kaNkulunkulu.’ (Luka 9:42, 43; IzEnzo 19:11, 12) Ngakho, kwakuwumoya ongcwele ovela kuNkulunkulu owawubangela ukuba umuntu elashwe, hhayi nje ukholo lwakhe. (IzEnzo 28:7-9) Yingakho uJesu engashongo ukuthi abantu abagulayo kudingeka bathi banokholo kuye ukuze belashwe.

Ungase uzibuze: ‘Ingabe abasekho abantu abelapha ngokuyisimangaliso, noma ingabe bakhona abayophinde belashwe ngendlela uJesu ayelapha ngayo? Liyini ithemba ngalabo abahlushwa izifo ezibuhlungu noma ezingelapheki?’

IBhayibheli liyachaza ukuthi ezweni elisha likaNkulunkulu, elinokulunga, amandla kaNkulunkulu ayophinde abangele ukuba abantu belashwe ngendlela uJesu ayebelapha ngayo lapho esesemhlabeni. OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayokujabulela ukukubonisa ukuthi uNkulunkulu uyokufeza kanjani futhi nini lokho okungasoze kwafezwa yinoma imuphi umelaphi—ukuqeda zonke izifo kanye nokufa. “Empeleni [uNkulunkulu] uyokugwinya ukufa kuze kube phakade.”—Isaya 25:8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela