Indlela Yokuphila Isikhathi Eside Ngenjabulo
ABANYE abantu bathi wonke umuntu ufuna ukuqhubeka ephila kodwa akekho ofuna ukuguga. Abantu abaningi asebesondela ekuthatheni umhlala-phansi babheke phambili ekubeni nesikhathi esengeziwe kanye nemithwalo yemfanelo embalwa. Nokho, basaba ukuthi bazoba abangenanjongo nabangenalusizo. Basaba nokuba onkom’ idla yodwa, ukungajabuli nokuwohloka kwempilo.
Iyini-ke imfihlo yokuphila okujabulisayo? Abangane abahle nomkhaya onothando kuwusizo ekuletheni injabulo kwabasha nabadala ngokufanayo. Kodwa akukhona lokho okwenziwa abanye okubaluleke ngempela empilweni yomuntu osekhulile. Okubaluleke kakhulu yilokho umuntu osekhulile akwenzela abanye.
Ukuhlola okwathatha isikhathi eside okwenziwa emibhangqwaneni engu-423 esikhulile kwabonisa ukuthi “ukusiza abanye abantu kungandisa okwethu ukuphila.” UStephanie Brown, owenza lokhu kuhlola, uyachaza: “Okwatholakala kusikisela ukuthi ebuhlotsheni bethu nabanye akusikho esikwamukelayo okuzuzisayo; yilokho esikupha abanye.” Ukupha okunjalo kungahlanganisa nokusiza abanye ngomsebenzi wasekhaya, ukunakekela izingane, ukuya lapho uthunywa khona, ukulungiselela into yokuhamba noma ukulalela othile ofuna ukukhuluma.
Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, uJesu Kristu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Ukuphila isikhathi eside ngenjabulo akutholakali ngokuba nemali eningi ebhange noma ngokwelapha ukuguga nokudla ukudla okukhethekile. Kunalokho kutholakala ngokuzigcina simatasa futhi sipha abanye isikhathi kanye namandla ethu ukuze sicebise ukuphila kwabo.
Nokho, kuyodingeka okunye ngaphandle kokupha ukuze singagugi, singaguli futhi singafi. UMbuso kaNkulunkulu kuphela oyoqeda lezi zinto. Uma sekubusa wona, ukugula ngeke kusaba khona ngisho “nokufa ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:3, 4; Isaya 33:24) Empeleni, abantu abalalelayo bayophila phakade ngenjabulo emhlabeni oyipharadesi. (Luka 23:43) OFakazi BakaJehova bayakujabulela ukubonisa abanye le ndlela esekelwe eBhayibhelini yokuphila isikhathi eside ngenjabulo.