Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 7/15 k. 32
  • “Ukumemezela Igama LikaJehova”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ukumemezela Igama LikaJehova”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 7/15 k. 32

“Ukumemezela Igama LikaJehova”

EMHLABENI wonke, omagazini INqabayokulinda nomngane wayo i-Phaphama! bayaziswa ngezinto ezingokomoya abaziqukethe nangokufundisa kwabo. Ebonisa lokho kwazisa, umfundi walab’ omagazini eFrance usanda kubhala le ncwadi:

“Ngingowesifazane osemusha, odabuka e-Afrika, ongafundile kangako. Ngisanda kuqala ukufunda omagazini benu. Njengoba izihloko zingidonsa, ngithola ukubaluleka kokufunda. Ngenxa yomagazini benu, ulwazi lwami lwamagama luye lwathuthuka futhi sengikwazi nokubhala incwadi enamaphutha ambalwa.

“Kuyangimangaza ukuthi ninyathelisa izihloko ezikhuluma ngayo yonke into ephathelene nabantu, umhlaba noMdali. Kulula ukuziqonda lezi zihloko kangangokuthi zibangela umuntu ukuba akulangazelele ukuzifunda. Akekho omunye umuntu okwazi ukufundisa zonke izinhlobo zabantu ngesikhathi esisodwa.

“Ngiyamangala futhi lapho ngibona ukuthi konke lokhu akwenzelwa inzuzo yemali kodwa kwenzelwa nje ukumemezela igama likaJehova. Ngiyazi ukuthi uyanivumela, futhi ngiyanibonga. Ngicela ukuba niqhubeke nithola amandla kuMdali ukuze nifundise.”

OFakazi BakaJehova njengamanje bahlanganyela emsebenzini wabo wokufundisa ngeBhayibheli emazweni angu-235. INqabayokulinda inyatheliswa ngezilimi ezingu-148, i-Phaphama! ngezingu-87. Lab’ omagazini abanyatheliselwa ukudumisa umuntu. Iseluleko esisekelwe eBhayibhelini nokwaziswa okuhambisana nesikhathi okutholakala kubo kuklanyelwe ukudumisa uMdali, othi: ‘Mina, Jehova nginguLowo okufundisayo ukuze uzuze.’ (Isaya 48:17) Kwangathi ungazizuzisa ngokuyifunda njalo imiBhalo Engcwele kanye nalezi zinsiza-kutadisha zeBhayibheli.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela