Isikhathi Sokudla—Akusona Isikhathi Sokudla Nje Kuphela!
WONKE umuntu uyasijabulela isidlo esehla esiphundu. Uma leso sidlo usidla nabangane obathandayo nixoxa kamnandi, kuba isikhathi esimnandi esingagcini ngokuqeda iphango. Imikhaya eminingi ikwenza umkhuba ukuba ndawonye okungenani kanye ngosuku ukuze idle njengomkhaya. Isikhathi sokudla sinika umkhaya ithuba lokuxoxa ngezenzakalo zosuku noma ngezinto ohlela ukuzenza. Abazali abalalelayo lapho izingane zabo zixoxa nalapho ziveza imizwa yazo bathola amathuba okuzwa kancane nje ukuthi izingane zabo zicabangani nokuthi zizizwa kanjani. Njengoba isikhathi sihamba, lesi simo esikhululekile futhi esijabulisayo esiba khona ngesikhathi sokudla senza umkhaya wethembane, uthandane futhi uzizwe ulondekile okuwenza uzinze nakakhulu.
Namuhla, ngenxa yokuthi amalungu omkhaya ahlala esendleleni futhi ematasa, akuthola kunzima ukuba adle ndawonye. Kwezinye izingxenye zomhlaba, kuyinto eyexwaywayo ukuba umkhaya udle ndawonye noma ukuxoxa ngesikhathi sokudla. Eminye imikhaya inomkhuba wokuvulela i-TV lapho idla, kanjalo izilahlekisela amathuba okuba nezingxoxo ezizuzisayo.
Nokho, abazali abangamaKristu bahlala bewaphaphamele amathuba okwakha izindlu zabo. (IzAga 24:27) Esikhathini esidlule, abazali batshelwa ukuthi elinye lamathuba angcono kakhulu okuxoxa nezingane ngezwi likaNkulunkulu kwakuyilapho ‘behleli ezindlini zabo.’ (Duteronomi 6:7) Ukuhlala ndawonye njalo ukuze kudliwe njengomkhaya kunikeza abazali ithuba eliyingqayizivele lokwakha ezinganeni zabo uthando ngoJehova nangezimiso zakhe ezilungile. Ngokwakha isimo esikhululekile futhi esijabulisayo, ungenza isikhathi sokudla sibe esijabulisayo futhi esakhayo nasemkhayeni wakho. Yebo, yenza isikhathi sokudla singabi isikhathi sokudla nje kuphela!