UmAfrika Othobekile Owayelithanda IZwi LikaNkulunkulu
ABANTU abavakashela e-Afrika bavame ukumangala lapho bebona indlela okulula ngayo ukuqala ingxoxo yeBhayibheli nabantu bendawo. Abantu bavame ukuba nesithakazelo lapho bebuzwa imibuzo enjengale, “Uyini uMbuso kaNkulunkulu?” noma “Ikhona yini into engazixazulula zingaphinde zibe khona izinkinga zokuntuleka kokudla, izifo, impi nobugebengu?” Abaningi balaba bantu bayamlalela umuntu abangamazi bamvumele ababonise eBhayibhelini izimpendulo zemibuzo. Ngokuvamile lokhu kuholela esifundweni seBhayibheli esiqhutshwa njalo. Futhi laba abafundelwayo bayathuthuka ngokomoya futhi babe amaKristu abhapathiziwe.
EBhayibhelini, encwadini yezEnzo 8:26-40, kukhulunywa ngomAfrika wokuqala owasabela ngale ndlela. Wayeyindoda engumTopiya futhi waya eJerusalema eyokhulekela uNkulunkulu weqiniso, uJehova.
Njengoba isithombe esingezansi sibonisa, le ndoda engumTopiya isibuyela ekhaya ngenqola yayo futhi ivule umqulu iyafunda. Sekuqhamuka umuntu engamazi futhi uyayibuza: “Empeleni, ingabe uyakwazi lokho okufundayo?” Ngokuthobeka, lo mTopiya uyavuma ukuthi udinga usizo futhi uncenga uFiliphu ongumvangeli ongumKristu ukuba agibele enqoleni. Ube esecela uFiliphu ukuba amchazele ukuthi isho ukuthini indinyana yomBhalo asanda kuyifunda. UFiliphu uyachaza ukuthi leyo ndinyana iyisiprofetho esagcwaliseka kuMesiya osanda kufa, uJesu Kristu. UFiliphu umxoxela nangezinye izinto eziphathelene ‘nezindaba ezinhle ngoJesu,’ cishe ezihlanganisa nokuvuka kukaJesu.
Njengoba esezwe amaqiniso amangalisa kangaka, lo mTopiya ufuna ukuba umfundi kaJesu futhi uyabuza: “Yini engivimbela ukuba ngibhapathizwe?” Isibhapathiziwe, le ndoda ethobekile yase-Afrika ibuyela ekhaya ijabule, futhi iBhayibheli alibe lisakhuluma ngayo.
Namuhla, oFakazi BakaJehova basiza izigidi zabantu emhlabeni wonke ukuba zifunde ngazo lezi “zindaba ezinhle.” Sikhuluma nje, kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala ezingaba izigidi eziyisithupha.