Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 5/15 k. 32
  • Wakhela Phezu Kwasiphi Isisekelo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wakhela Phezu Kwasiphi Isisekelo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 5/15 k. 32

Wakhela Phezu Kwasiphi Isisekelo?

UKUQINA kwesakhiwo kuncike kakhulu ekuqineni kwesisekelo saso. Ngezinye izikhathi iBhayibheli lisebenzisa lesi simiso ngomqondo ongokomfanekiso.

Ngokwesibonelo, umprofethi u-Isaya ubhekisela kuJehova uNkulunkulu njengalowo “obeka isisekelo somhlaba.” (Isaya 51:13) Lesi sisekelo simelela imithetho kaNkulunkulu engaguquki elawula ukujikeleza komhlaba neyenza uhlale endaweni yawo. (IHubo 104:5) IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, likhuluma ‘nangezisekelo’ okumiswe kuzo umphakathi wesintu. Lezi ziwubulungisa, umthetho nokuhleleka. Lapho “zidilizwa,” noma zintengantengiswa ukungabi nabulungisa, inkohlakalo nobudlova, inhlalakahle yabantu iyawohloka.—IHubo 11:2-6; IzAga 29:4.

Lesi simiso siyasebenza nakumuntu ngamunye. Ephetha iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni edumile, uJesu Kristu wathi: “Wonke umuntu owezwayo la mazwi ami awenze uyofaniswa nendoda ehlakaniphile, eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Lase liyithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza nemimoya yayishaya leyo ndlu, kodwa ayizange ibhidlike, ngoba yayisekelwe phezu kwedwala. Ngaphezu kwalokho, wonke umuntu owezwayo la mazwi ami kodwa angawenzi uyofaniswa nendoda eyisiwula, eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi. Lase liyithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza nemimoya yayishaya leyo ndlu yabhidlika, kwaba kukhulu ukuwa kwayo.”—Mathewu 7:24-27.

Ukwakhela phezu kwasiphi isisekelo ukuphila kwakho? Ingabe ukwakhela esihlabathini esithambile samafilosofi abantu abangamkhonzi uNkulunkulu, okuyophumela ekuweni kwesakhiwo? Noma ukwakhela phezu kwedwala eliqinile ngokulalela amazwi kaJesu Kristu, ayokusiza ukuba umelane nezivunguvungu ezingokomfanekiso ekuphileni?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela