Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 11/1 k. 32
  • Bashumayela Izindaba Ezinhle Kubantu Abayizithulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bashumayela Izindaba Ezinhle Kubantu Abayizithulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 11/1 k. 32

Bashumayela Izindaba Ezinhle Kubantu Abayizithulu

“BAKUSIZA ukuba uhlakulele ingokomoya lakho!” Yileyo ndlela umphathi wekhaya labakhulile eNavalcarnero, eMadrid, eSpain, akuchaze ngayo ukuvakashela koFakazi BakaJehova lesi sikhungo sakhe. Yini eyamshukumisela ukuba asho lokho?

Abantu abaningana abahlala kulesi sikhungo saseRosas del Camino bayizithulu. Nokho, njengoba oFakazi beye benza umzamo wokufunda uLimi Lwezandla LwaseSpain, bayakwazi ukuxoxa nalaba bantu. Umphathi wancoma oFakazi ngokunikela ngesikhathi sabo ukuze bafundise abantu abadinga usizo amagugu angokomoya. Wabona umphumela omuhle lezi zindaba ezinhle zoMbuso ezazibe nawo kulezi zakhamuzi. Izakhamuzi—ikakhulu lezo ezingaboni nezingezwa kahle—nazo zazikwazisa kakhulu lokhu kuvakashelwa oFakazi.

U-Eulogio, oyimpumputhe futhi oyisithulu, ongomunye wezakhamuzi, manje utadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngolunye usuku kusaqhutshwa isifundo, kwangena ixhegu lanika uFakazi omfundelayo inkondlo eyayibhalwe izakhamuzi zibonisa ukubonga kwazo. Le nkondlo yayinesihloko esithi “Ukuba UFakazi.” Ingxenye yayo yayithi: “Baphila kamnandi, bagcina umthetho futhi uJehova ubanika injabulo nokuhlakanipha. Baphuma bengena ezindlini ngoba bathembela kuJehova.”

Empeleni, yilokhu kuthembela kuJehova okuye kwabangela oFakazi abaningi emhlabeni wonke ukuba bafunde ulimi lwezandla lwabantu abayizithulu emazweni abo. Ngale ndlela bahlanganyela nalaba isigijimi esikhuthazayo sethemba esitholakala eBhayibhelini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela