Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 1/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyini Umphongolo Wesivumelwano?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukuzuza ‘Emabeleni Ezulu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Asephula Isithembiso Sawo
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Induku Ka-Aroni Inezimbali
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 1/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe kwakunezibhebhe ezimbili zamatshe kuphela emphongolweni wesivumelwano, noma ingabe kwakufakwe nezinye izinto?

Ngesikhathi sokunikezelwa kwethempeli likaSolomoni ngo-1026 B.C.E., “kwakungekho lutho eMphongolweni ngaphandle kwezibhebhe ezimbili uMose azinikeza eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ngesikhathi bephuma eGibhithe.” (2 IziKronike 5:10) Nokho, kwakungenjalo ngaphambili.

“Ngenyanga yesithathu ngemva kokuba abantwana bakwa-Israyeli bephumile ezweni laseGibhithe,” bafika ehlane laseSinayi. (Eksodusi 19:1, 2) Ngemva kwalokho, uMose wenyukela eNtabeni YaseSinayi wanikezwa izibhebhe zoMthetho ezimbili zamatshe. Uyalandisa: “Khona-ke ngaphenduka ngehla entabeni ngabeka izibhebhe emphongolweni engangiwenzile, ukuze zihlale khona, njengoba nje uJehova ayengiyalile.” (Duteronomi 10:5) Lona kwakuwumphongolo wesikhashana, noma ibhokisana, uJehova ayetshele uMose ukuba awenze ukuze kugcinwe kuwo izibhebhe zoMthetho. (Duteronomi 10:1) Umphongolo wesivumelwano wangempela waze waba khona ngasekupheleni kuka-1513 B.C.E.

Ngemva nje kokukhululwa kwawo eGibhithe, ama-Israyeli aqala ukukhononda ngokudla. Ngakho uJehova wawalungiselela imana. (Eksodusi 12:17, 18; 16:1-5) Ngaleso sikhathi, uMose wayala u-Aroni: “Thatha imbiza ufake kuyo i-omere eligcwele lemana ulibeke phambi kukaJehova njengento okumelwe igcinwe kuzo zonke izizukulwane zenu.” Ukulandisa kuthi: “Njengoba nje uJehova ayemyalile uMose, u-Aroni walibeka phambi kobuFakazi [inqolobane okwakulondolozwe kuyo izincwadi ezibalulekile] njengento okumelwe igcinwe.” (Eksodusi 16:33, 34) Nakuba u-Aroni ngokungangabazeki abutha imana walifaka embizeni ngaleso sikhathi, ukubekwa kwalo phambi kobuFakazi kwalinda kwaze kwaba yilapho uMose esenze uMphongolo wafaka nezibhebhe kuwo.

Njengoba sekushiwo, umphongolo wesivumelwano wakhiwa ekupheleni kuka-1513 B.C.E. Induku ka-Aroni yafakwa eMphongolweni kamuva impela, ngemva kokuvukela kukaKhora nabanye. Umphostoli uPawulu ukhuluma ‘ngomphongolo wesivumelwano okwakukhona kuwo imbiza yegolide eyayinemana kanye nenduku ka-Aroni eyaba nemiqumbe kanye nezibhebhe zesivumelwano.’—Hebheru 9:4.

Imana laliyilungiselelo elenziwa uNkulunkulu phakathi neminyaka engu-40 ama-Israyeli ehlala ehlane. Lanqanyulwa lapho ‘esedle eminye yemikhiqizo yezwe’ lesithembiso. (Joshuwa 5:11, 12) Induku ka-Aroni yabekwa emphongolweni wesivumelwano ngenjongo—ukuze ibe isibonakaliso noma ubufakazi esizukulwaneni esivukelayo. Lokhu kusikisela ukuthi induku yaqhubeka ilapho okungenani phakathi nohambo lwasehlane. Khona-ke, kubonakala kungaba nengqondo ukuphetha ngokuthi induku ka-Aroni nembiza yegolide yemana kwasuswa emphongolweni wesivumelwano esikhathini esithile ngemva kokuba ama-Israyeli esengene eZweni Lesithembiso, ngaphambi kokuba ithempeli likaSolomoni linikezelwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela