Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 2/1 k. 32
  • Ingabe Unjengesihlahla I-lagani Auna?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Unjengesihlahla I-lagani Auna?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 2/1 k. 32

Ingabe Unjengesihlahla I-lagani Auna?

NGAPHANDLE nje kwePort Moresby, esePapua New Guinea, izikhonzi ezimbili zazibuyela ekhaya zivela emsebenzini wokushumayela. Njengoba zihamba, zabona isihlahla esihle. Isikhonzi esesikhulile sathi kwesiseyinsizwa: “Bheka, i-lagani auna!” Saqhubeka: “Lelo gama lisho ukuthi ‘isihlahla esifa sivuke minyaka yonke.’ Ngokungafani nezinye izihlahla eziningi zasezindaweni ezishisayo, unyaka ngamunye sona sivuthuka kuze kube sengathi sifile. Kodwa uma kufika izimvula siyavuka, siqhakaze izimbali, siphinde sibe sihle.”

Kukhona isifundo esingasifunda kuyi-lagani auna, noma i-royal poinciana, njengoba sivame ukubizwa kanjalo lesi sihlahla. Ngokwezazi ezithile, siphakathi kwezihlahla ezinhlanu ezinhle kunazo zonke kweziqhakaza izimbali emhlabeni. Nakuba izimbali namaqabunga alesi sihlahla kuvuthuka enkathini eyomile, sisuke siwagcinile amanzi. Izimpande zaso ziqinile futhi zingakhula phakathi kwamadwala ajulile. Ngokwenza kanjalo, siyazimelela ukuze singasishulwa imimoya enamandla. Ngamafuphi, siphila ngokuzivumelanisa nezimo ezinzima.

Nathi singase sizithole sisezimweni ezivivinya isimo sokholo lwethu. Yini eyosisiza ukuba sikhuthazele? Njenge-lagani auna, singaphuza futhi sigcine amanzi anikeza ukuphila ayiZwi likaNkulunkulu. Kufanele futhi sibambelele siqinise ‘edwaleni’ lethu, uJehova, nasenhlanganweni yakhe. (2 Samuweli 22:3) Ngempela, i-lagani auna isikhumbuza kahle ukuthi ngisho nasesimweni esinzima, singahlala siqinile futhi sibahle ngokomoya uma sisebenzisa amalungiselelo kaJehova. Ngokwenza kanjalo ‘siyozuza njengefa izithembiso’ azenzile, kuhlanganise nesokuphila okuphakade.—Hebheru 6:12; IsAmbulo 21:4.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela