Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 5/15 k. 32
  • Inani ‘Lesitsha Esibuthakathaka’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inani ‘Lesitsha Esibuthakathaka’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 5/15 k. 32

Inani ‘Lesitsha Esibuthakathaka’

UMPHOSTOLI uPetru wabhala: “Nina madoda, qhubekani nihlala [nomkenu] ngokolwazi, nibazisa njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, isifazane.” (1 Petru 3:7) Ingabe ukubhekisela kwalo mBhalo kowesifazane ngokuthi ‘uyisitsha esibuthakathaka’ kuyabehlisa abesifazane ngandlela-thile? Ake sibone ukuthi ekuqaleni umbhali ophefumulelwe wayeqondeni ngala mazwi.

Ibizo lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘ukwazisa’ lisho “inani, ukubaluleka, . . . inhlonipho.” Ngakho, indoda engumKristu kufanele iphathe umkayo ngesisa, imbonise ukuthi iyamcabangela njengesitsha esibuthakathaka, esiyigugu. Lokhu akumehlisi nakancane. Ngokwesibonelo, cabanga ngesibani se-lotus sikaTiffany. Ngempela, lesi sibani esihle ngokumangalisayo singabhekwa ngokuthi sibuthakathaka. Ingabe ukuba buthakathaka kwalesi sibani kusenza sibe nenani eliphansi? Lutho neze! Ngo-1997 isibani sangempela se-lotus sikaTiffany sathengiswa endalini ngezigidi zamaRandi ezingu-17,9! Indlela esenziwe ngayo yasenza saba nenani eliphakeme, hhayi eliphansi.

Ngokufanayo, ukwazisa owesifazane njengesitsha esibuthakathaka akukhona ukumehlisa noma ukumlulaza. Ukuthi indoda ihlale nomkayo “ngokolwazi” kusho ukuthi kumelwe icabangele amandla nobuthakathaka bomkayo, izinto azithandayo nangazithandi, indlela abheka ngayo izinto nemizwa yakhe. Indoda ekhathalelayo iyakuqaphela futhi iyakuhlonipha ukuhluka kobuntu okukhona phakathi kwayo nomkayo. Ibonisa ukumcabangela okufanele “ukuze imithandazo [yayo] ingathiyeki.” (1 Petru 3:7) Indoda engazihloniphi izimfanelo zomkayo ezimenza abe umuntu wesifazane ifaka ubuhlobo bayo siqu noNkulunkulu engozini. Kusobala ukuthi iZwi likaNkulunkulu alibehlisi abesifazane. Kunalokho, libanikeza isithunzi nodumo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

© Christie’s Images Limited 1997

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela