Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 10/15 k. 32
  • “Kungani Silapha?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Kungani Silapha?”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 10/15 k. 32

“Kungani Silapha?”

U-ELIE Wiesel owathola uMklomelo KaNobel futhi owasinda ekuQothulweni Kwesizwe okwenziwa amaNazi wake wawubiza ngokuthi “umbuzo obaluleke kunayo yonke umuntu okumelwe awuphendule.” Imuphi lowo mbuzo? Umbuzo othi, “Kungani silapha?”

Wake wacabanga yini ngalowo mbuzo? Abaningi bake bacabanga, kodwa abayitholi impendulo. Lapho sizama ukuthola injongo yokuphila, isazi-mlando saseBrithani u-Arnold Toynbee sabhala: “Injongo yangempela yomuntu iwukudumisa uNkulunkulu nokujabula ngaYe phakade.”

Kuyathakazelisa ukuthi eminyakeni engaphezu kwezinkulungwane ezintathu edlule omunye umuntu owayephawuleka ngokuhlakanipha, wayeseyitholile impendulo eyinhloko yalo mbuzo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Isiphetho sendaba, njengoba sekuzwakele konke, yilesi: Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.”—UmShumayeli 12:13.

Lesi simiso esiyinhloko sasekelwa iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wazikhandla ukuze akhazimulise uYise osezulwini. Ukukhonza uMdali wakhe kwakucebisa ukuphila kukaJesu. Kwamnika amandla futhi kwamsekela, kangangokuthi wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo.”—Johane 4:34.

Ngakho, kungani silapha? NjengoJesu, uSolomoni nezinye izinceku zikaNkulunkulu eziningi, singathola injongo yangempela yokuphila nenjabulo ehlala njalo ngokwenza intando kaNkulunkulu. Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngendlela yokukhulekela uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso”? (Johane 4:24) OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayokujabulela ukukusiza ukuba uthole impendulo yombuzo othi, “Kungani silapha?”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela